clan names πŸ’› clan history πŸ’―

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Cindi Clan Names Umlando

Want a t-shirt or hoodie with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Cindi

Mahlaba,
Mashinini!

Admin notes:Β  Omunye ubhale wathi uzazi kanje:
Cindi,
Mahlaba,
Minyela,
Kud’elihle,
Malamulela,
Masekwane.
Wena owahlaba inkukhu ngosungulo wayibeka emusamo, ibandla ladla lasutha !

Admin notes: Kuyavela ukuthi uMashinini ususiwe kulezi zesibili izithakazelo, ngakho-ke sicela niyidingide lendaba nina bakwaCindi ukuze sithole ukuthi ngabe uMashinini uyangena noma akangeni kwaCindi.
Futhi uma ekhona othi kaziphelele lezi-thakazelo, sicela azifake ngokwenza i-comment ngezansi. Siyabonga.

Words in italics are by the admin of this blog, written to help facilitate a meaningful and comprehensive list of the Cindi Clan Names .

Date : Wednesday, 24 May 2023, 4:32 AM


More information is available on our YouTube channel


Previous

Izithakazelo zakwa Chule Clan Names Umlando

Next

Izithakazelo zakwa Coka Clan Names Umlando

13 Comments

  1. Bandile cindi

    Bandile cindi
    Izithakazelo zithi ,CINDI ,MAHLABA MSOBOTSHENI ,NDUWELA ,MINYELA BAFANA BAKAMAFOKAZANE ABANGADLI UBENDE OBULELE ,MASHININI ,MKHONTO

  2. Mlungisi Skisazana

    Cindi Mahlazitha minyela , minyela incagu yomyeni umsombotya ubomvu owafumaneka kwingxingwa emfuleni iTsitsana umhlangevula udilikile

  3. Siphiwe Cindi

    Sanibonani nina bakwa Cindi!
    Mina ngegama ngingu Siphiwe Cindi, ngiqhamuka eSoshanguve (Pretoria)
    Bengicela ukuthi senze i-whatsapp group chat?

    • Themba

      Themba Cindi

      0768417192

  4. Kholeka

    Umkhulu wami kwakungu Amos Cindi,Mina ngiyisizukhulwane,Ezithakazelo sithi
    Cindi,Masekwane,mbonyisa,Minyela ,abaliwa

  5. Phatheka Cinde

    Phatheka Cinde
    Thina sithi Cinde not Cindi but izithakazelo ziyefana nezi zakwa Cinde , xandisiva ngomlando wam kuthiwa sisuka eSwatini, but ndibawela ukwazi abantu bakwaCinde/Cindi

  6. Sipho Cindi

    Mina nginguSipho Cindi, ozalwa uMsakazi uGeorge Cindi wakwaSABC-Ukhozi FM okwakuwu Radio Zulu ngalesosikhathi osewadlula emhlabeni ngo-1974. Ngokudabuka siphuma eGauteng eyayibizwa ngokuthi iTransvaal ngaleso sikhathi endaweni yase-Heidelburg eRatanda. Isibongo sakwaCindi sibhalwa kanjena “Cindzi” ngoba simaSwati. Ngokuwela umngcele waseSwati koKhokho bethu sabe sesishintsha ukubhalwa kwaso saba uCindi. Ngicabanga ukuthi ezinye zezizathu ezadalela ukushintshwa kokubhalwa kwaso kwakungaba omaBhalane bangaleso sikhathi abashicilela iphutha noma kwaba isibomu soKhokho bethu ngoba bengafuni ukubonakala ukuthi bangokudabuka ESwatini bese bephelelwa umsebenzi. Sesingabhekake ukuthi izithakazelo zakwaCindi zithinta ziphi izindawo ababefika bathe kuzo. Ngilinganise njengaseMSOBOTSHENI naseGudu. Yizindawo ezikhona lezo eMpumalanga Province. AbakwaCindzi bahlobene nabakwaMahlaba. AbakwaMahlaba abakwaCindi. BawoMahlaba ngoba owakwaCindzi wamithisa udadewabo bathi uhlabe ekhaya wase edingiswa waphiwa indawo. Uma kukhonjwa endaweni yakhe kuthiwe ikwaMahlaba ekhaya laphaya. Kwagcina sekuyiSizwe sakwaMahlaba kaCindzi. ITrade yoKhokho bethu eSwatini babenebhizinisi lokufulela izindlu. Uma zithunywa izingane kwakuyaye kuthiwa awuye lapha kwaCindzi, “muphi na” lona ofulela izindlu. Kwagcina sekuyigama abizwa ngalo uCindzi uMafulela. Ngicela ukuphela lapho okwanamuhla. Siyabonga ?.

    • Nelisiwe Mafulela

      Wow, ngiyabonga kakhulu πŸ™πŸ½. Umama uzalwa Kwa Cindi kodwa umkhulu wazibiza Mafulela ebalekela amabhunu (Transvaal) during apartheid. I’ve always wanted to know ukuthi sihlobana kanjani no Mahlaba? How did “we” get isithakazelo sakwa MafulelaπŸ€” Gombase, Miyela? Ngingajabula kakhulu if you can share more please Malume

  7. Ntokozo Cindi, ngicela ukwazi isigodi sakwa cindi futhi ubani inkosi yakwaCindi?

    • Kholeka

      Hi unknown, I am also trying imvelaphi wethu abakwa Cindi,surprisingly I visited North west Mahikeng ,apparently there is a village around there,is only Cindi families,So now now am getting lost as I thought we came from a Zulu nation,seems I was wrong,am still dicking our roots ,as soon I find out ,I will post the outcome.

  8. Awenabe ngemvelaphi kaMashinini no Mahlaba

  9. CINDI
    Mahlaba, Minyela, Kud'elihle, Malamulela, Masekwane.
    Wena owahlaba inkukhu ngosungulo wayibeka emusamo, ibandla ladla lasutha.

  10. CINDI
    Mahlaba, Minyela, Masekwane, Kud'elihle, Malamulela.
    Mahlaba owahlaba inkukhu ngosungulo wayibeka emusamo landla ibadla lasutha…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: