clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Hadebe 😍 Hadebe Clan Names

Izithakazelo zakwa Hadebe

  • Hadebe,
  • Bhungane,
  • Bhungane kaNsele,
  • Zikode, Gob’izembe,
  • Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
  • Umkhulu Bhungane,
  • Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
  • Mthimkhulu,
  • Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
  • Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
  • S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
  • iyamujamela,
  • Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
  • Ingab’emhlabeni zesabani?
  • Nina enindlebe zikhanya ilanga,
  • Nina enindlebe zinhle zombili,
  • Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
  • Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
  • Mahlubi amahle,
  • Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
  • Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
  • Ngelengele!

Previous

Gwamanda

Next

Hlabisa Clan Names

31 Comments

  1. Sindi

    Batshele khona abangazi ukuthi uShembe wazalwa intombi yakwaHadebe. Izintombi zabona imbali yakhiwa eyakwaHadebe yayigwinya eMtshezi yazala uShmbe the original. Bhungane!

  2. Kuthiwa Makhulukhulu ayi Nkulunkulu. Read properly guys

  3. Where can I find it…?

  4. Hadebe is zulu because in zulu the letter'R' doesn't exist and in xhosa it exists, it is the same surname just spelt differently

  5. Ngakengahambela eMtshezi naseMpangeni ngahlangana namakhehla akwaMtimkulu ngawabuza kabanzi ngalendaba yasemthondweni, bonaparte basebeyichaza kane, bathi uMtimkulu were namandla amakhulu kwezemithi yesintu, amandla akhe emakhulu ngalendlela yokuthi endaweni yakhe yokuthunda kwatholakala kumila izindlubu, ukubeni kwaziwa ukuthi emthundweni wendoda akumili lutho, into eyayibonakalisa ubukhulu bakhe – Kwase kubabazwa kuthiwa "Ndlubu zamila emthundweni" ngenxa talese senzakalo – eyomthondo Indiana ithanda ukungidida, Kodwa ngingayijabulela incazelo.

  6. Omakhulukhulu laba ngeke ubathinte thina sazala unkulunkulu sengisho ushembe wamanazareth

  7. Lilili

  8. Ngyambonga umdali ngokungipha isbongo esihle kanje,phambili mahlubi amahle

  9. Amen Amahlubi amahle

  10. Endlini yakithi emaHlubini?

  11. Ekhaya!!!

    Nokwanda Mthimkhulu

  12. Ekhaya!!!

  13. Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje

  14. Sbonge bomakhulukhulu ithi ondlubu ezamila emthondwen ngoba seswele indawo nonkulunkulu mkhuku kodwa akanganga bhungane ngoba ubhungsne wamakhulu.khulu angaz bazishintshelani ngoba zimi nje kanje sebezosdukisake manje

  15. Sbonge mahlubi amahle abangasdidisi laba thina sondlubu ezamila emthondweni ngokuswela indawo nina base thondose nonkulunkulu mkhulu kodwa akangangabhungane ngoba ubhungane wamakhukukhuku asisho okwiyikho

  16. Mina ngazi kuthiwa Ndlubu ezamila emthondweni kaSothondose, angazi ukuthi ukuhloniphisa lunges kanjani.

  17. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  18. Ndlubu ezaMila ebubini bama doda! Ndlebe-zinhle zombini ezikhanya iLanga! Nina enigawula imithi emincane ngoba emikhulu ivele iziwele! Nina enashwabadela iNkomo nezi mpondo zayo!Bhungane wenza ngaku ningi!!

  19. Molweni, ndinombuzo, I'm Xhosa and iziduko/izithakazelo zam are similar to abakwa Hadebe, isbongo sami nguNongogo instead of Hadebe thina sibiza uRadebe, singoBhungane omthimkhulu… So umbuzo wam is, are these two people related ngokwesintu?

  20. Makhulukhulu!! Kunjalo nje Ngelengele. Izithakazelo azishintshwa. Sizamukela njengoba zinjalo nje ngoba singagcina singasazazi kwathina imvelaphi yethu. Phambili maBhungane amahle!

  21. MaHlubi amahle,,,,Makhulukhulu,,,aibo ngyaphela lapho.engikthandayo ngani ukuthi navela eZulwini impela u Nkulunkulu unani.

  22. Mangelengele amahle! Ndlubu ezamila kahle zakhetha ihhovisi elikhulu elingsngenwa yinoma ubani. Ngnithanda nonke Mabhungane. Sam.

  23. ukuthi zikuphatha kanjani izthakazelo zakithi inkinga yakho akufi muntu ngalokho,isthakazelo nje kuphela nibahle nonke MANGELENGELE

  24. Jeffrey, akuthina esiziqambile lezithakazelo kodwa sazithola sikhona. asazi ukuthi kwasukela phi.

  25. Jeffrey ngiyavumelana nawe. Nami ngiwuBhungane angihambisani nalokhu.

  26. BoBhungani bomaShiyamahle anjengawenyamazani oDlubu zamila kabi ngoba zamila emthondweni . Llapho ngizwa abantu behloniphisa kanti zinjalo angazi bakubalekele lokho ngoba yikho okwakithi lokho.

  27. Find a book called Iziduko zama Hlubi read it and understand why kuthiwa umkhulu nkulunkulu kodwa awnings Bhungane.

  28. kwaluhle kwamnandi, ngivumelana nawe Jeffrey asikho bakhulu kunoMdali… siyabonga Mageba
    Siphesihle Hadebe

  29. hau abantu basemzini madoda lilililili ezithoba umakoti

  30. ngaze ngajabula ngokuba umaMthimkhulu. ngyanthanda bakwaHadebe

  31. Hawu kodwa bo Bhungane uma sesifaka noMdali sithi nibakhulu kunaye, ngithanda ukwesaba kancane…izithakazelo zinhle ngoba zisifundisa okuthe xa xa ngezibongo, kodwa asingazixabanisi noMdali boBhungane. No MEC eKZN wesaba uNkulunkulu ngendlela ephezulu, naye angiboni uyoyithanda lendaba…ozithobayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: