izithakazelo

Izithakazelo zakwa Hadebe Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Hadebe

  • Hadebe,
  • Bhungane,
  • Bhungane kaNsele,
  • Zikode, Gob’izembe,
  • Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
  • Umkhulu Bhungane,
  • Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
  • Mthimkhulu,
  • Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
  • Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
  • S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
  • iyamujamela,
  • Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
  • Ingab’emhlabeni zesabani?
  • Nina enindlebe zikhanya ilanga,
  • Nina enindlebe zinhle zombili,
  • Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
  • Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
  • Mahlubi amahle,
  • Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
  • Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
  • Ngelengele!

Popular people from Hadebe last name

Phakamani Simphiwe Hadebe (Finance/Energy)
Independent Non-Executive Director at Coronation Fund Managers Ltd since October 2020. Former Group Chief Executive of Eskom Holdings SOC Ltd (June 2018-July 2019). Previously CEO of Land and Agricultural Development Bank of South Africa until January 2015. Holds MA in Economics from University of Durban-Westville and MA in Rural Development from Sussex University. [citation:3]
Siyabonga P. Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy. [citation:10]

Previous

Gwamanda Clan Names & Surname History

Next

Hlabisa Clan Names

5 Comments

  1. Mangelengele amahle! Ndlubu ezamila kahle zakhetha ihhovisi elikhulu elingsngenwa yinoma ubani. Ngnithanda nonke Mabhungane. Sam.

  2. ukuthi zikuphatha kanjani izthakazelo zakithi inkinga yakho akufi muntu ngalokho,isthakazelo nje kuphela nibahle nonke MANGELENGELE

  3. Jeffrey, akuthina esiziqambile lezithakazelo kodwa sazithola sikhona. asazi ukuthi kwasukela phi.

  4. Jeffrey ngiyavumelana nawe. Nami ngiwuBhungane angihambisani nalokhu.

  5. BoBhungani bomaShiyamahle anjengawenyamazani oDlubu zamila kabi ngoba zamila emthondweni . Llapho ngizwa abantu behloniphisa kanti zinjalo angazi bakubalekele lokho ngoba yikho okwakithi lokho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

© 2026