Izithakazelo zakwa Hadebe
- Hadebe,
- Bhungane,
- Bhungane kaNsele,
- Zikode, Gob’izembe,
- Makhulukhulu, Mehlomakhulu,
- Umkhulu Bhungane,
- Ziyengane eziyeng’umuntu, zimyenga ngendaba,
- Mthimkhulu,
- Mashiya amahle, amade anjengawenyamazane,
- Mafuz’afulele njengelifu lemvula,
- S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kube sengathi
- iyamujamela,
- Ndlubu zamil’ebubini, ngoba zesab’ukwehlela,
- Ingab’emhlabeni zesabani?
- Nina enindlebe zikhanya ilanga,
- Nina enindlebe zinhle zombili,
- Nina bosiba olude olungakhothami endlwaneni kodwa kwezinde uyakhothama,
- Nina bomagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele,
- Mahlubi amahle,
- Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana,
- Mashwabadela owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo,
- Ngelengele!
Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy.
Sindi
Batshele khona abangazi ukuthi uShembe wazalwa intombi yakwaHadebe. Izintombi zabona imbali yakhiwa eyakwaHadebe yayigwinya eMtshezi yazala uShmbe the original. Bhungane!