πŸ’›

izithakazelo

Inkosi Shaka ka Senzangakhona

Inkosi uShaka ka Senzangakhona Zulu kwabe kuyinkosi ephiwe amandla okuzisa uzinzo empilweni yabantu base Afrika. Kunomlando obhaliwe ngabaMhlophe ukuthi kwakufanele igama lenkosi uShaka lingcoliswe ukuze bazokwazi ukuzithathela izwe lethu ngoba belibona linomnotho futhi livundile. Bazimisela ukuthi bamubonise njengenkosi enonya olwesabekayo okwabe kungelona iqiniso, ukuze bakwazi ukucekela phansi umbuso wakwa Zulu. Lokhu bakwenza ngempumelelo ngoba namanje kusekhona labo abazi iLembe njengenkosi eyabe inonya.

Ucwaningo lwakabusha luyawaveza lawo manga wabaMhlophe. Ubukhulu buka Shaka abusiko kuphela obama Zulu kodwa obezwekazi lonke lase Afrika. Wabe eliqhawe elikhulu okumele sizigqaje ngalo njengesizwe esimnyama. Inkosi uShaka walwela ukuhlanganisa izizwe ezabe zehlukene ukuthi zibe isizwe esisodwa esikhulu esinomthetho futhi esihlonishwayo.

Inkosi uShaka wabe enesipho sobuhlakani obukhulu ngoba wathi angabona ukuthi abaMhlophe banobuchwepheshe obabungekho kwaZulu, wakhetha ukuthi bafundise amabutho akhe. Wabona futhi ukuthi ngeke kumsize ukulwa nalababantu ngoba babe benenduku eshaya umuntu imlahle phansi elena kude. Wabe esefuna ukuthi naye bamfundise ukusebenzisa lenduku (isibhamu). Wabe esekhetha ithimba elabe liholwa uSotobe wakwa Gazu ukuthi lihambe liyofunda lobubuchwepheshe eNgilandi ku George egameni lakhe. Nanka amazwi awakhuluma kwabaMhlophe ababefike kuye, “Hambani nitshele inkosi yenu uMjoji ukuthi ahlanganise zonke izizwe eziMhlophe; nami ngizohlanganisa zonke eziMnyama: sizobe sesenza umbimbi: lokuthula emhlabeni wonke”.

Ku Sotobe wathi; “Hambani niye kuMjoji nibheke futhi nifunde konke okungaba usizo ezweni lethu”. Lolo hambo aluzange luphumelele ngoba bathi beseseBhayi kwafika umbiko wokuthi iLembe selikhotheme babe sebekhetha ukubuya. Ukube baphumelela ngabe kuningi isizwe esakuzuza kwezobuchwepheshe. Umbuso kashaka wabe ulwela ukuthula ezweni lonkana ngoba ngaleso sikhathi izizwe zabe ziziphethe kungenamthetho uma esinye sifuna ukuthumba imfuyo yesinye sasivele sizenzele.

Namhlanje i KwaZulu-Natal ine NGONYAMA eyodwa ngoba iSilo uShaka sahlanganisa zonke izizwe ezabe zikulesi sifundazwe kwaba isizwe esisodwa sama Zulu. Amakhosi aqhubeka nokubusa izizwe zawo kodwa ayazi ukuthi ikhona inkosi enkulu i Lembe eleqa amanye ngokukhalipha.
Namanje KwaZulu-Natal akukho ukudideka njengakwezinye izifundazwe, kuyaziwa sinye i Silo u Goodwill Zwelithini wonke amanye amakhosi nezizwe zingaphansi kwakhe. Konke lokhu kwenzeka ngobuhlakani beSilo sakwa Dukuza u Shaka Mlilwana ka Senzangakhona Zulu.

Popular people from Nkosi last name

Elijah Nkosi (Legal/Business)
Extensive experience in gaming and leisure industry with focus on strategic development and corporate governance. Served as Acting Judge for KwaZulu-Natal High Courts (Durban and Pietermaritzburg) in 2011, 2012, 2015, and 2017. Board member at Phumelela Gaming & Leisure Limited, serving on Audit, Remuneration, and Industry Specific committees. Holds Bachelor of Procurement Law (B Proc) and LLB. [citation:9]

Previous

Fakathi, Fakazi, Dlomo, Guma, Duze

Next

Ngwenya, Gedeza, Mcambi, Vilakazi

5 Comments

  1. Alex Dumisani Makhaye

    Ngiyaxolisa ukuthi ngiqondise kuye ubayede ukuthi thina MaDeke asihambisani nokuphoqwa kwabantu ukuthi babe yini.esikhundleni sokuthi kwakhiwe okuveli kukhona kubhidlizwe nesankahlo akuzange kube yinhlakanipho naphakade.Futhike njengoba sanikwa inkululeko ngo-1994-96.kusinika iqholo lokuthi sizobuyela ebuzweni bethu esasesiphucwe wuye ubayede lona .hayi impela ngakolunye uhlangothi walimaza ngokuhlakanipha angakhokha kakhulu uma engabekwa lawomacala.ake sithi loludaba lwakhe lukwabakhulu.sobona uma sesikhulwe sonke ku lamatribal chains

  2. Hlanganani Malembe

    Ngicela ukuchazeleka kahle ngemvelaphi yabantu bakwaMalembe

  3. Hlanganani Malembe

    kungabe zisuselwa kuphi izibongo zenkosi uShaka lapho zithi khona (iLembe eleqa amanye amaLembe)?

  4. Rev. Nqoba Zindela

    Rev. Nqoba Zindela
    Inkosi uShaka yabe iyinkosi enobuhlakani, okwathi abamhlophe uma bebona ukuthi thina asikwazanga ukubhala ngayo kuqala bacosha ithuba lokungcolisa igama leSilo saMaZulu uShaka besaqhuba yona imfundisoze yabo yokuthi umuntu mompisholo akanakho okuhle angakwenza. Nawo amaMissionaries adlala enkulu indima ukuveza iSilo uShaka emubi, Siyabonga ngoba lawomampunge abawakhuluma bawaloba phansi siyawalungisa manje. Cabanga nje ukuthi ukube Inkosi uShaka yabusa ngaphezu kkweminyaka eyishumi nambili ngabe lelizwe lisesimweni esihle kabi ngenxa yobuchule nobuhlakani uNdabezitha ayenabo. Abahambe bashone ondlebe zikhanya ilanga namampunge abo angcolile.

  5. Mcebiseni Makhaye

    Ngiyabonga ukuthola umlando omuhle njengalona. Vele abamuhlophe bakhohlakele kabi basibulalela umlando wethu ukuze sizohlala siyizinto ezingelutho kubuse bona njalo nje ezweni lethu. Bayeeeeeede! Wena wendloooooovu!!!

Leave a Reply to Hlanganani Malembe Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén