clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Izaga

Ngezansi izaga nezincazelo zazo.

Isaga Incazelo
Abantu abayi ngandawonye bengemanzi ∼Abantu abavumelani bonke ngento eyodwa.
Akukho ndlovu yasindwa umboko wayo ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akukho thusi lathetha lilodwa ∼Akekho umuntu onganengwa engaqalwanga.
Akukho zinyane lemboma ladliwa yingwenya kwacweba isiziba ∼Uma uzwise omunye umuntu ubuhlungu noma umbulale, ngeke ukuthole ukuphumula abakubo nabangani bakhe bazomphindiselela.
Akuqhude lasindwa umzwezwe ∼Akekho umuntu ohlulwa umthwalo wakhe.
Akuvelwa kanyekanye kungemadlebe embongolo ∼Abantu abaphumeleli kanyekanye.
Amathanga ahlanzela abangenamabhodwe ∼Izinto ezinhle ziya kwabangazidingi noma kwabangakwazi ukuzisebenzisa ngendlela okuyiyo.
Ayikho inkomo yobuthongo ∼Impumelelo iyasetshenzelwa.
Bahlangene phezulu kanti phansi bangamahele ∼Benza sengathi bayezwana futhi akukho okungangena phakathi kwabo kanti bahubhuza amanga.
Enethunga kayisengeli phansi ∼Umnini wento akahlupheki ikhona.
Engakhali ifela embelekweni ∼Uma ungazibiki, ukhulume ngenkinga yakho ngeke ubonakale futhi ngeke uzwakale.
Ibhizela labulala indlovu ∼Umuntu uyalinyazwa nayinto yena athi ayilutho.
Ikhiwane elihle ligcwala izibungu ∼Into enhle ngaphandle ijwayele ukuba nobubi ngaphakathi.
Ilelo nalelo nkankane aliyodla umsundu wangakubo ∼Ilowo nalowo muntu kumele ayozizamela ngakubo.
Imiphanda ibulawa izakhelani ∼Abantu abakhelene noma abangabangani abajwayele ukulimaza abantu.
Impi isesendeni ∼Kuxabele abantu abazalanayo, bandoda nye.
Induku enhle igawulwa ezizweni ∼Intombi noma umakoti omuhle umthola kude noma ekuhambeni.
Ingwe idla ngamabala ∼Umuntu uzenza yena ukuthi athandeke ngezenzo nangemisebenzi yakhe.
Inja yawaqeda ngolimi ∼Kancane kancane koze kulunge.
Inkomo ingazala umuntu ∼Ngeke kwenzeke lokho.
Inkonjane iwele enkundleni ∼Umuntu oliqili ubhajwe ebuqilini bakhe.
Inkonjane yakhela ngodaka ∼Umuntu owenza okuhle kumele abekezele ngisho kunzima angalilahli ithemba.
Intendele ibindwe isidwa ∼Ukuhlakanipha kuphelele ezeni.
Intendele iwel’enkundleni ∼Inhlanhla izizele.
Into yomuntu umhluzi wempisi ∼Ungabothembela entweni yomuntu noma yokwebolekwa.
Inxeba lendoda alihlekwa ∼Ungabomhleka umuntu uma esenkingeni noma evelelwa okubi ngoba kusasa kungawe.
Iqaqa alizizwa ukunuka ∼Umuntu akasiboni isici noma ububi bakhe.
Isalakutshelwa sibona ngomopho ∼Umuntu ongalaleli iziyalo, noma ekhuzwa ubona ngomphumela omubi noma oyingozi.
Isilo siyawafinyeza amazipho ∼Umuntu onamandla noma ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawomandla nenhlakanipho yakhe.
Kazi iyozala nkomoni ∼Kazi kuyokwenzakalani noma umphumela uyoba njani.
Kubambene ingwe nengonyama ∼Kuxabene noma kubhekene abantu abanamandla alinganayo.
Lapho kukhona isidumbu ilapho kukhona amanqe ∼Uma umuntu esenkingeni ilapho abantu abasizakala khona ngaye.
Libheke uligcine ∼Osongela omunye ngokumbulala.
Lixhoshwa libhekile ∼Iphutha lenzeka noma uqaphele.
Nalapho kungekho qhude kuyasa ∼akusho ukuthi lowo ozigqajayo uma eke wahamba kokwenziwayo kuyokuma izinto, kuyohamba kahle ngisho engasekho.
Siyoze sihlangane okhalweni lwezimpungushe ∼Usongo, siyoze sitholane la esiyodelisana khona, ngokulwa imvamisa.
Sobohla Manyosi ∼Uyophela umbuso.
Ukhamba lufuze imbiza ∼Ingane ifuze umzali wayo.
Umenzi uyakhohlwa kodwa umenziwa akakhohlwa ∼Umuntu osuke enze okubi komunye uyashesha ukukhohlwa kodwa lo osuke enziwe okubi akakhohlwa neze.
Umkhumiso usulingene izintondolo ∼Okusele sekulingene abanikazi bakho.
Umthente uhlaba usamila ∼Isimilo noma ithalente lomuntu livela esesemncane.
Ungakhulumi ngobhejane kungekho sihlahla eduze ∼Ungazifaki enkingeni kungenasidingo nasisombululo.
Ungayishayi ingede ngoju ∼Uma wenzelwe okuhle kumele ubonge.
Usifumbu ubona uqhaqhazela ∼Ubona isici somunye kodwa nawe ube unesakho.
Yinkukhu nempaka ∼Ubutha obukhulu lapho abantu bezondelana ukubulalana.
Yimpi yakwamabon’abulawe ∼Umuntu oyingozi owesatshwa njengenyoka.


Ezinye izaga zizokwengezwa kulezi ezingenhla ngokuhamba kwezinsuku, uqhubeke ubheke.

Previous

Shezi

Next

Amagama Amqondofana

37 Comments

  1. ngyabonga ngicela ningisize ningifunise leziZaga ne Zishho

    1 imikhombe kayiphambane
    2 umlomo kaweyi
    3 ukuphana ukuzidayisa
    4 isigungu esingenabuthumbu
    5 umlandu woniwa ngabalandakazi

  2. thank u

  3. HI besacela ningisize ningephe izaga ezicwasa abantu besifazane

  4. Siyabonga ukusibhalela izaga

  5. Kuchaza ukutjini ukuyhi…uchakide uhlolile imamba yelukile

    • Uknown

      Akukho muntu oqaphile, abasele bayazenzela.
      Kuchaza lokhu

  6. Kuhle uma kusekhona ababtu abasipha ukwazi ngolwimi lethu, yazi ukwazi ukuthi ulimi lwakho luyini futhi kudlalwa kanjani ngalo kubalulekile. Abume njalo ubuciko bomlomo kithin Ndlu emnyana

  7. Ngicela izaga zalezi zincazelo..
    1.Uzibona Ubukhulu kanti akayilutho
    2.Ugabisa ngamandla akhe.
    3.Akahloniphi
    4.Bahlakaniphile bobabili.
    5.Iphimbo liguqulwa ngenhloso yokukhohlisa

  8. Ngicela izaga zalezi zincazelo..
    1.Uzibona Ubukhulu kanti akayilutho
    2.Ugabisa ngamandla akhe.
    3.Akahloniphi
    4.Bahlakaniphile bobabili.
    5.Iphimbo liguqulwa ngenhloso yokukhohlisa

  9. Siyabonga kakhulu, iwusizo kakhulu kithi esisafunda ukuze sazi umsuka wolimi lwethu

  10. Ukuhamba kuzala induna ngicela ukubuza ukuthi sichaza ukuthini lesisaga

  11. Enter your comment…
    Akwenziwe app yezaga nezisho.

  12. Kuchaza ukuthini ukuthi asigugi namagxolo aso

  13. Kuchaza ukuthini ukuthi umlomo kaweyi

  14. Kusho ukuthi ukuthi: 1) Inkonyane ithuka isisnga. 2) Inkunzi isematholeni.

  15. Ngithanda ukubonga ngezanga nezincazelo ezingenhla. Ake ngithi falakahla engikwaziyo ngezagame zesi Zulu.

    Insaka vukela umchilo wesidwaba (into esijwayelekile).
    Yawuchitha umuthi inkonyane (ukuphuma kweqiniso eliqhubekelA ekutheni kube nengxokozelo).
    Itshe limi ngothi nkombose kababa (isimo sibucayi)
    Kukhotha ekhothayo engakhothi iyayikhahlela(ukusiza okusizayo ongakusizi awumsizi )
    Imikhumiso isisalele izintondolo (osekusele okwabalayikhaya ikakhulukazi uma kuyimsebenzi)
    Indlu yegagu iyanetha (kusho ukuthi ngeke ukwazi ukwenza yonke into ngokwakho )
    Intandane enhle umakhothwa unina (kungcono uma ingane ihlala noma inakekelwa umawayo noma owesifazane )
    Isisu esihle esibonwa yilanga (kungcono ukudla ekuseni kunoma usuyolala)
    Akukho nyoni yasindwa isisila sayo (awukwaz ukusindwa umthwalo wakho njengangenhla kuchaziwe)
    Isala kutshelwa sibona ngomopho (uma umuntu ekhuzwa engezwa ubona ngoba eselimele ukuthi unephutha)
    Hamba juba bayokuchutha phambili (kusuke abakini sebehlulekile nguwena ukukuqondisa )
    Nalapho kungekho qhude kuyasa
    Imbazo eyisiwula egawula isihlahla ephuma kuso
    Isihlahla asinyelwa

    Izincazelo ngizibhale ngendlela engicabanga ngayo

  16. Ngicela incazelo zalezi zaga ezilandelayo
    1. Uzabuya wedwa okwengubo kaZiyongo
    Umphathise okwezikhali zamaNtungwa

    • Thulani Masondo kwaNongoma

      Inqolobabe Yesizwe kanye nenye ebhalwe ukuthi Siphuza Emithonjeni Yokhokho..

      Ziyatholakala kwa-Takealot online.

  17. #love our culture

  18. Ukuthi eskhathini samanje sisebenzisa islungu ,,yebo akufanele sikhohlwe ubuthina kodwa izikhath ziqhubeka,,

  19. Kufanele yini ukuthi siwayeke amasiko ethu???

  20. Jah sime njalo kufanele siwazi ama roots ethu

  21. ngisacela usizo kulesi "kuboka mtwana kusesiswini" plz

  22. Libantu bade. Selimathunzi Zithini lezizaga

  23. Lubalulelike ulwimi lwebele,lingumgogodla wendabuko yomuntu nomsoco wesizwe esizayo…..

  24. indwangu zihlekana iziphongo

  25. this blog is very helpful

  26. Umsebenzi Oncomeka ngempela owenzayo, awuthi ngiphose itshe esivivaneni ngengizikhumbulayo:

    Ilibambe lingashoni (usongela umnuntu),

    Uyadela Mnyovu Wena Owazibohpa ngexhama kwabonakale (?),
    Iso Liwela Umfula Ugcwele (Noma ungafuni ukwazi nto, inhliziyo iyenqaba),

    Ufihla Induku Emqubeni (akakhombisi ukuba engakwazi kodwa uzofubonisa),

    Iseyishayile akakayosi, Oseyousile akakayidli, oseyidlile udle icala (Izinsizwa zibanga izintombi-ke la),

    into yomuntu umhluzi wempisi (Noma umuntu ekinika into, unemibandela), Uyoyikhotha Imbenge yomile (ukusongela umuntu okewnze kabi),

    Ngikhuluma isilungu usuku lonkeemsebenzini nagaphandle nabangani. kuyangikhathatza ukuthi sengizikhohliwe ezinye izaga nezisho zami. Angifuni ngikhohlwe ubumina. Uqhube umsebenzi omuhle lapha kule blog. Seniyofaka okushodayo bantu bakithi.

  27. Ngiyayithanda le blog, ngiyayivakashela kaningana impela. Siyabonga

  28. Kwangathi singaphosa esivivaneni siyisizwe esikhulu sishicilele uhlu oluphelele ngemfundiso yesiZulu.

  29. thanks wasiza bandla abantu bese bedukile .ngisemathandweni nolimi lwasekhaya (isiZulu) tnx……

    • Nomsa kambule

      Thank you so much Naze nasiza kodwa ezinye izaga nezisho azikho lapha ngicela usizo 1icala livula ingubo lingene
      2Inkomo ehambayo kayiqedi tshani
      Izisho
      1amathe ezimpukane
      2amathe nolimi
      3emini bebade
      4imbuzi iphekwe nezi mpondo
      5indaba ingenhla kwama dolo
      6kukhala ibhungane
      7obamba elentulo
      8ukudakwa umbuso
      9ukulala obenyoni
      10ukulala nezi nkukhu

  30. kwakuhle lokho mtakwethu. we are so proud, our language is still alive and kicking. qhubeka ngomsebenzi omuhle……….

  31. Nami ngiyaseka impela kodwa ngizozama ukusiza lapho nalapho. Ngiyasithanda isiZulu.

  32. Siyajabula kakhulu ukuba naleBlog iyasisiza ngempela esiZulwini……….

  33. Ngiyaqala ukuyibona leblog kodwa sengivele ngathatheka yiyo, ukube nginamandla ngabe ngiyaniseka kodwa-ke nami ngithi ngihamba nani, into enhle iyanconywa qhubekelani phambili nomsebenzi wenu omuhle sime njalo isiZulu sakithi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: