Ndlovu, Mntungwa, Gengezi,

uSoshawushawu, Gatsheni kaMalunga kaSigonyela,

Boya benyathi Buyasongwa

Buyasombuluka. Mpongo kaZingelwayo.

Nina bakwandlovu zidl’ ekhaya,Ngokweswel’ abelusi.

Nina bakwakhumbula amagwala. Nina

Bakwa Demazane ntombazana.

Nina bakwasihlangu sihle.

Mthiyane! Ngokuthiy’amadod’emazibukweni.

Usithebe sithezela amavila namavilakazi.

Into ezimlomo uthe nca ngathi ngowokusela edwaleni.

Osoja ngengca abanye besoja ngeenkuni.

Uphondo olukhulu oluzala izingwe nezingonyama.

UGenge oludla umthi lodwa lamanye AmaGenge edla ehlanganyela.

Nina baka Silwa Ngoswana!