IZINGCEZU ZENKULUMO:
1. Usobizo
2. Isichasiso
3. Isilandiso
4. Isikhanyiso
5. Isibabazo
6. Isihlanganiso
Asiyicubungule kahle-ke lento (Analysis by revealing sub-headings):
1. Usobizo ย = igama elisebenza njengomenzi noma umenziwa emshweni.
* Ibizo ย (noun)
* Isabizwana
– sokubala ย ย ย ย (zonke, bonke, ngedwa, sonke etc.)
– sokukhomba ย (lo, loya, loyaya)
– soqobo ย ย ย ย ย ย (yena, bona, zona, thina)
2. Isichasiso ย = igama eisichazela ngobunjalo buka sobizo / describes uSobizo
* Isiphawulo : adjectives isib. ย -ncane, -khulu, -fushane, -de, -ningi, -hle, -mbi etc.
* Isibaluli : (usually colours) isib. elimhlophe, elimnyama, ย elimnandi, ezimbalwa
* Ongumnini : Lisitshela ngokuthi into ingekabani/yakhiwe ngani/ isetshenziselwani noma kuphi
* Inani : (-ni, -nye, -phi, -mbe)
isibonelo: Muntu muni ofike la?
Munye umuntu okhulume nami.
3. Isilandiso ย = yigama elisilandisa ngokwenziwa uSobizo:
* Isenzo (verb) : lisitshela ngokwenziwa usobizo
isibonelo: Umama uthethise umfowethu.
* Isibanjalo : lisitshela ngobunjalo bento.
Kusetshenziswa iziqalo: yi-, wu-, ng-
isibonelo: Ubaba yibhubesi.
4. Isikhanyiso ย = igama elisikhanyisela ngokuthi isilandiso senziwe kanjani
* Isandiso : sendawo, senkathi nesesimo
* Isenzukuthi
isibonelo: UNonjie uhleli dekle akenzi lutho.
5. Isibabazo ย = igama elikhombisa ukubabaza.
Kungaba ukubabaza okuveza:
– Injabulo (Halala! Ngcingci!)
– Ukunengwa/Ukudinwa (Nxa!)
– Ukunxesezela (Nxese! Phephisa!)
– Ezokulwa (Ashila! Maluju!)
-Ezokwenqaba (Cha! Chabo! Chabobo! Qhabo!)
…etc
6. Isihlanganiso (conjunction) ย = lihlanganisa imisho emibili
isibonelo: Geza izitsha anduba uyolala.
Qoqa izimpahla bese ukhipha izibi
Lihle Gumede
Thank you so much, this has really helped me as it is my first time teaching isiZulu. If you may please add ‘ Ukuhluzwa kwezinkondlo nedrama’
Zandie Sikhonde
Hi continue helping us, this is very helpful๐
admin
Siyabonga. You’re welcome.
Nomthandazo
Ningangichazela ukuthi lezi zenzukuthi zichaza ukuthini :khumu;mikithi;klebhu;khalakatha;gimbilikici
Mam Nonhlanhla Ndlovu
Im a new zulu teacher thanks a lot
Gugulethu
Thank you so much, this is very helpful โค๏ธ
Banele mbambo
Good job to whoever apploded this
Anami Nokwazi Sibisi
Ngyabonga love
Lemani
I’m Wandile in gr6 first time Zulu learning this helps alot