πŸ’›

izithakazelo

Izinhlobo zokukhuluma 😍 IZINGCEZU ZENKULUMO

IZINGCEZU ZENKULUMO:

1. Usobizo

2. Isichasiso

3. Isilandiso

4. Isikhanyiso

5. Isibabazo

6. Isihlanganiso

Asiyicubungule kahle-ke lento (Analysis by revealing sub-headings):

1. Usobizo Β = igama elisebenza njengomenzi noma umenziwa emshweni.

* Ibizo Β  (noun)

* Isabizwana

– sokubala Β  Β  Β  Β  (zonke, bonke, ngedwa, sonke etc.)

– sokukhomba Β  (lo, loya, loyaya)

– soqobo Β  Β  Β  Β  Β  Β (yena, bona, zona, thina)

2. Isichasiso Β = igama eisichazela ngobunjalo buka sobizo / describes uSobizo

* Isiphawulo : adjectives isib. Β -ncane, -khulu, -fushane, -de, -ningi, -hle, -mbi etc.

* Isibaluli : (usually colours) isib. elimhlophe, elimnyama, Β elimnandi, ezimbalwa

* Ongumnini : Lisitshela ngokuthi into ingekabani/yakhiwe ngani/ isetshenziselwani noma kuphi

* Inani : (-ni, -nye, -phi, -mbe)

isibonelo: Muntu muni ofike la?

Munye umuntu okhulume nami.

3. Isilandiso Β = yigama elisilandisa ngokwenziwa uSobizo:

* Isenzo (verb) : lisitshela ngokwenziwa usobizo

isibonelo: Umama uthethise umfowethu.

* Isibanjalo : lisitshela ngobunjalo bento.

Kusetshenziswa iziqalo: yi-, wu-, ng-

isibonelo: Ubaba yibhubesi.

4. Isikhanyiso Β = igama elisikhanyisela ngokuthi isilandiso senziwe kanjani

* Isandiso : sendawo, senkathi nesesimo

* Isenzukuthi

isibonelo: UNonjie uhleli dekle akenzi lutho.

5. Isibabazo Β = igama elikhombisa ukubabaza.

Kungaba ukubabaza okuveza:

– Injabulo (Halala! Ngcingci!)

– Ukunengwa/Ukudinwa (Nxa!)

– Ukunxesezela (Nxese! Phephisa!)

– Ezokulwa (Ashila! Maluju!)

-Ezokwenqaba (Cha! Chabo! Chabobo! Qhabo!)

…etc

6. Isihlanganiso (conjunction) Β = lihlanganisa imisho emibili

isibonelo: Geza izitsha anduba uyolala.

Qoqa izimpahla bese ukhipha izibi

Previous

Imvelaphi Yakwa Hlatshwayo

Next

Amagama amqondofana

3 Comments

  1. Akwande

    I don’t even know isizulu but it really helped me and now I know isizulu

  2. Alwande Tusiion

    Wow this really helped me πŸ™‚

  3. kisha ncube

    kkkkkkkkkkkkkkkkkkkkkk wow yhooooo shame

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén