Cebekhulu: Linda, Nsele, Mafu, Nkunga, Nsele kaLindamkhonto! Nongalo, Mntungwa, Sothinyase! Linda kaMafu! Nina bakaMtoyi kaGobho! Mayinga kaNombedu; Oying’ izintaba zombili! Uying’ uMpehleya; wayinga noMaqhwakazi! Izintab’ ezinamancongo (amabizo) njengabantu! Intak’ ehlal’ umhlakuva wakhothama! Is’khov’ umahhehhe; singathi hhi, siyenanela! Senanel’ im’hlamb’ yamadod’ ingqubuzana!