Mahlaba, Junda, Mbonane, Nhlangambili, Zingaba ntathu ziyachoboka, Abakwa Ndimndwane abadla iminkantsha yamanye amadoda , osilwa ngosana amadoda elwa ngemikhonto, abakwa qanula phansi naphezulu njengezulu, nina besixembe esihle ngoba siphakela ama Junda , nina bakwa Maphanzela, nina bakwa Mcondo.