Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa Mzobe

mzobe,

ngcolwane,
phohla,
walawala,
khinibe,
hlekani ,
nongoza omuhle,
jojwane,
bhidi,
malala,
zembe libomvu,
majilane
sombude,
inyoni ephuza kwezinde iziziba, ithi iyaphuza kwesifishanelinqundeke umlomo,
wena owafundis’abant’uk’hleka bengakwazi bethi amazinyo zingcili,
u thangana,
welinjani,
fundisa,
lamula…
nina bakantinta,
nina bakabonisa ,
fundisa,
umlenze bomvu yommbili,
unombika.
uthongola ngesithodlwana,
nina enathenga ulaka ngethole.
udlangamandla,
usambula nkungu kuvele ilanga:
umnisi wemvula,
khumbuza,
nina basemvuleni,
phela thina sancengwa inkosi udumehlezi ukuthi sinise imvula, ngoba sasigcono. sisengcono namanje;
singojokozela,
ndinisa,
nina enakhishwa ngenoni emgodini,
nongoza omuhle,
malala nomunwe endunu…….wavuka kwachins’ilanga
nina bakamlamula nkunzi, ziyeke zibulalane……
sojoli
qhudeni
nina bakanomaphela
nyanga kayidl’umuntu imudla ngoba eseyinyathele
umaqabul’intombi isal’imamatheka

nina bakasonyangisa,

 

baka nongameyana,

baka nodlulayihlinzwa,

nina baka qgam njengamalangabi,

nina baka xoki,

baka ndukembana

baka ncaphayi unogwaja ovikel ikhanda kuphela