Izithakazelo:

Vilakazi,

Nzimande,

Mdluli,

Gwala,

Mphephethe,

Nyawozimhlophe ngokunyathela izihlabathi zolwandle

Myeka khamangwa

Majiya Ngwekazi Nkondlwana

Mdlovu omatubutubu

Umhlwehlwe odume njengoZulu

Mancama ngenhlunu

Lugwashu

Matshinga waseMaphephetheni

Sihlase Binda

Abanye bathakazela kanjena:

Binda!

Mphephethwa

Wena kaGama

Mantshinga waseMaphephetheni

Owagwaz’ aze ame ngeklwa

UNgwevu noNgwavuma

Nina baseNgwede neNgwavuma

Sihlase!

Owadl’ umkadadewabo

Wathi akananyongo

Wathi akanamehlo

Umhlehlo sibhanhakazane

Malinga khilu hohlo

Bamchatha ngohlanga bethi akafe

Kanti lapho engasayukufa impela baze banqoba!