clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Izithakazelo zakwaKhoza

Izithakazelo zakwa-Khoza

Mlotshwa,
Msuthu,
Mkhathini,
S’phan’abantwana,
Ndlel’ehamb’ekhaya,
Eyanqamula kwaMlandakazi,
Mancencence,
Hlabisa odlulayo,
Ngoba olele akahlatshiswa,uyidla aze ayiqede,
Wena wakaMpahl’emhlophe,
Ingaba bomvu isiyonake,
Ntshingwayo,
Mangena, Mlilo,
Skotana,Mabona,
Nomageja, Sokhabase,
Ntshamase,
Ndlandla!


More information is available on our YouTube channel


Previous

Izithakazelo zakwa Kheswa 😍 Kheswa Clan Names

Next

Izithakazelo zakwa Khubisa 😍 Khubisa Clan Names

31 Comments

  1. .. my friends call me Khozas.. 🙂 🙂

  2. Mkhathini sbonge mfwethu

  3. Asbonge kuleyo ndawo.inkosi ibe nawe ntsuku zonke.

  4. Abangeni oMahlase kwakhoza bayasidida nje ungadideki mtase

  5. OKhoza bangempela yithi labo…mina Bonisiwe Khoza eNqutu eThelezini(ST Paul)

  6. Yithi labo?Bonisiwe Khoza eNqutu eThelezini

    • Nkosinathi Khoza

      Bonisiwe Khoza ngicela ungithinte mawuthola isikhathi please

  7. Owakith wena nami ngiwu Ndlandla Msuthu
    I'm from Bergville

  8. Mina sengiyadideka ngempela

  9. Hai cha khona ziningi ithakelo zakithi ki Khoza,but ngathi kukhona nezomfakela wama vezandlebe phakathi kuzo
    Like oSibisi,Mahlase no Bhovungana angibazi mina Kwa Khoza pls akenisize nisilamulele wezazi Masiko always Zulu,kwenzakalani futhi uhlanganaphi uSibisi no Khoza manje NGO Year 2000?

  10. Mina ngiwuNdlandla.uMsuthu uMashawushawu.uNdlotana besuthu.basenkalanjane enkande.nasemawusweni

  11. Ai cha bandla indaba yalezithakazelo zakwaKhoza ungagcina ususanganelwa ikhanda umuntu nomuntu usho okwakhe nje ngyasola

  12. Ai cha bandla indaba yalezithakazelo zakwaKhoza ungagcina ususanganelwa ikhanda umuntu nomuntu usho okwakhe nje ngyasola

  13. Khoza Gumede Sombaba onjengenkosi, wena okandlela idlul'ekhaya. Owebhande elide elikekelezela isiPhezi neTshamanzi, onolaka ebantwini….. Mina boKhoza abahle ngiqhamuka eNquthu, ethelezini.

  14. ngibonge kakhulu ngezithakazelo sezizonke bengingazazi

  15. Shonini ukuthi isibongo sakwaMlilo songenaphi kulezithakazelo

  16. Sbonga kakhulu mtaka baba ngoba owanginika wayedlala ngam Edina ngibize abantu abathandwa nguye

  17. ngiyabonga ngezithakazelo zakwa-khoza kodwa thina ekhaya uma bethakazela akukho okubhalwe lapha okufanayo thina singo-khoza ncwane malobelo mndimndwane wena owaphangela kobhobhobho wena onomhlane onjengowomntwana manyundela.makukhona onolwazi ngicela engi-email [email protected] ngiyobonga kakhulu

  18. Siyabonga ngale website kodwa ekhaya azihambi kanjena izithakazelo kwenziwa yini? Ngoba mina ngingu khoza ugumede kamnisi u mvuleni owafanelwa umsingizane

  19. Gumede mnisi mvhuleni

  20. Syabonga kakhulu

  21. Kwaze kwaba mnandi indlela azibekwe ngayo siyabonga bafowethu. Thami khoza

  22. Wow, sikhulu lesisibongo. Ngicela ongachaza Macbeth msuthu, mthiyane. Kungenaphi kulabo Khoza

  23. Phila usiphilele khehla siyabonga kakhulu ukwazi ukuthi zihamba kanjani izithakazelo zakithi.

  24. Ngyabonga ukwazi izibongo zakwa Khoza.indoda iyabongelwa

  25. Mthiyane, msuthu ungena kanjani kanti

  26. mbali nomlindelo khoza

  27. ngiyabonga ukwazi izithakazelo zakithi ngoba bengidukuza oswini nje ngingazazi ukuthi ngingubani.

  28. thank

  29. Ngithanda ukubonga bhuti…Bengingazazi izibongo zakithi kodwa manje ngiyazi,iNkosi ibe nawe

  30. Oh ngiyabonga kakhulu! Sidinga nje i-website ephathelene nazinto zonke zesintu, ezoba yimboni yolwazi!

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: