clan names ๐Ÿ’™ clan history ๐Ÿ’ฏ

izithakazelo

Kheswa ยฎ clan names. Iziduko Kheswa ๐Ÿ˜ Kheswa Origin. Kheswa History

Kheswaโ€™s history and izithakazelo

History if the Kheswa/Keswa

It is not clear how the descendants follow each other because this clan moved from under one king ship to another and there is no written evidence to substantiate any claims.

Kheswaโ€™s never had their own king ship but they survived as the clan with their own chieftancy.

AmaKheswa aluzalo lukaMnguni onguyise wawโ€™onke amaNguni, uMnguni wazalauGumede owazala uLuzumane owazala uMalandela owazala uZulu owazala uMagebaowazala uMpangazitha. Ovelelayo kumadodana kaMpangazitha uSontshikazionguyise wamaMbatha, ezinye izindlu kufakwa phakathi lena okuzalwa kuyouMakhathini aziveli emlandweni.

UMakhathini wazala amadodana amabili uKheswa noMbanguba, akucaci kahleukuxhumana okusuka kuMpangazitha kuyakuMakhathini. OKheswa bebaziwa ngokuthiamaChumane, beyiNhlangwini (Ixobho-Mzimkhulu)ngobuzwe.Umlando wesizwesamaHlubi ukhomba ukuthi ngesikhathi kubusa uNtsele(1735-1760) yilapho amaKheswa axebuka khona emaChunwini angena ngaphansikwamaHlubi.

UMpangazithi kaBhungani walinikwa leligama nguyise uBhunganingokubheka futhi kuhlonishwa ubuqawe bukaMpangazitha kaZulu ngokuthi wayephanga impahla, izinkomo kanye nomhlaba wezitha zake asuke azinqobile.Ngalokho oKheswa oMpangazitha bakaZulu hhayi oMpangazitha (Phakaditha) bakaBhungani futhiuzalwa nje okaBhungani oKheswa besebevela besemaHlutshini futhi uninauyisizukulwane sikaMpangazitha kaNozulu.

Ngesikhathi sezimpi kwelakwaZulu( Mfecane wars) uMpangazitha kaBhunganewabulawa ngamaNgwane ebuya eLesotho. AmaHlubi agcwala lonke izwe amanye ayaeKoloni, oMehlomakhulu, Sidinane, Siphethu noZibi isizukulwane sakhe. Esinyesitholakala eLesotho babizwa ngoPhakaditha ngesisotho okusho ukuthiMpangazitha.Ngaphambi kowe 1700 oKeswa bayisizukulwane sikaMpangazitha kaZulu kodwaohlangathini lwakaXhosa (Ikeswa Xhosa word meaning Descrimination/ukukhishwainyumbazane).

Lamadodana kaMakhathini uKheswa noMbanguba babanombango baxabana bodwa,kwathi uLucuncu indodana kaLuboko ekubona lokhu waphaka eyakhe impiwabachitha. Abanye babaleka bawela iMpofana kodwa babanotwete lokuwelauThukela nokuhlaselwa isizwe samaHlubi ngaphesheya komfula. Omkhulubahlanganisa amakhanda baqhamuka nesu lokuwela umfula nelokungena esizwenisamaHlubi.

Umlando ukhomba ukuthi kwakuyikwindla kuwelwa uThukela, kwaqalwakwathunyelwa izintombi kwathi uma amaHlubi ebona izintombi ziwela umfulangomlazana onameva futhi zizinhle zibushelelzi okwetshe lomfula bazamukela.Ngokwamukela kwezintombi kwalandela isizwe sonke kodwa safika simpofusingenalutho ngenxa yezimpi ngingakho kuthiwa siyizimpofana kodwa ezidlengobuhle nangobuluhlaza.

Ngenxa yobuhle bezintombi zakwaKeswa uBhungane 2waganwa yenye yezintombi, yingakho phela sibizwa NGAMAZALANKOSI ngobayintombi yasemaKesweni eyazala uMthimkhulu 2, Mpangazitha kaBhungani kanyenoMahwanqa okungamakhosi wamaHlubi.

Izithakazelo zethu zivela lapho amaHlubi ethakazela futhi ekhuzela izintombizakithi, lezizintombi bezithophwa kanje:

IZITHAKAZELO ZAKWA KHESWA
Kheswa,
Mnguni,
Nozulu,
Mpangazitha,
Mngunโ€™ omuhle wakwamchumane (Ntolwane),
Nozulu liyasa liyasibekela
Wezulu eliphezulu,
Elathathamba lathathumuntu kwangakulunyandaba
Kwathiwa inkosaze iyadlala.
Amachumane amahle aluhlaza abutshelezi njenge litshe lomfula.
Eza emanconcobela nje ngekwindla
Izimpofane ezawela uThukela nomlazana onameva
Ngabakhungwa ngogongolo
Enhla ne Mpofana noThukela
Abacwengโ€™ inga kudade bonkosi.
USuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya!

Previous

Mpafane ยฎ clan names. Iziduko Mpafane ๐Ÿ˜ Mpafane Origin. Mpafane History

Next

Mfihlo ยฎ clan names. Iziduko Mfihlo ๐Ÿ˜ Mfihlo Origin. Mfihlo History

3 Comments

  1. Lulama

    Ndiyabonga ngendikufumene ngomlandu kagogo wam ndingumzukulu mna koKheswa

  2. Sihle Mantwana

    Sihle Mantwana kaKheswa based in Flagstaff living in Harding I’m proud of my history Kheswaclans so happy to know my roots ,background is important even my children will know where we from ๐Ÿ™๐Ÿ™ Nozulu ๐Ÿ‘Š

  3. Siyanda

    I wish I can communicate more with this groep. Ndiyabonga ngendikutholile. Ndingomnye wonozulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: