πŸ’›

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Lushozi & Umlando

Izithakazelo zakwa Lushozi

Gcwensa,
Ndimande, Mzulwini,
Bhebhula!

Imvelaphi yesibongo by Nontanda Shozi

Angibingelele bakwethu nami ngizosika elijikayo ngengakhula ngakuzwa. Mina ngingu Shozi Gidela. Isibongo sethu esikhulu uHlongwa bese ziza nezinye. Abantu baka Mnganga baphuma ka Hlongwa ngamafishane nje bazalwa khona. Njengoba bebizwa ngo Shozi bazalwa indoda ogama layo kungu Langa waka hlongwa.
Bathe o-shozi sebesebenzisa uShozi njengesbongo kwaba nokuhlukana baphuma oMnganga baba Ushozi Mnganga. basala laba abanye bewu Shozi Gidela ohambisana no Gabhisa, Khawula, Hlongwa, Mbasha, Omtumaseli. Athe uma ephuma Ama Nganga aqamba ezawo izithakazelo o Mthiya, Ndawombi kanjalo. Ungakhohlwa bonke labantu abaka Hlongwa.
Amanganga athola ubukhosi bawo ahamba aze ayofika eMarianhill ka Ndengezi. Ohlongwa, Gabhisa,Khawula,Gidela bona bagudla baze bayofika Ko Mkhomazi,Mthwalume,Portshepstone,Mzinto. Yebo abanye bethu ngokungazi banokuphika abanye bathi akubona abakubo imvelaphi yethu yinye nje.

πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 UTube Channel

Previous

Lukhele Clan Names

Next

Luthuli Clan Names & History

3 Comments

  1. u Gabhise akangeni ema Ngangeni (Lushozi) ungena ku Kuhlongwa/Khawula, shozi, Mtumaseni, wena owehla ngomzungulu kwafa wona.

  2. Ungabhisa yena ungena kanjan

  3. Zithini izithakazelo zakwa ndimande

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026