Izithakazelo zakwa Lushozi
Gcwensa,
Ndimande, Mzulwini,
Bhebhula!
Imvelaphi yesibongo by Nontanda Shozi
Angibingelele bakwethu nami ngizosika elijikayo ngengakhula ngakuzwa. Mina ngingu Shozi Gidela. Isibongo sethu esikhulu uHlongwa bese ziza nezinye. Abantu baka Mnganga baphuma ka Hlongwa ngamafishane nje bazalwa khona. Njengoba bebizwa ngo Shozi bazalwa indoda ogama layo kungu Langa waka hlongwa.
Bathe o-shozi sebesebenzisa uShozi njengesbongo kwaba nokuhlukana baphuma oMnganga baba Ushozi Mnganga. basala laba abanye bewu Shozi Gidela ohambisana no Gabhisa, Khawula, Hlongwa, Mbasha, Omtumaseli. Athe uma ephuma Ama Nganga aqamba ezawo izithakazelo o Mthiya, Ndawombi kanjalo. Ungakhohlwa bonke labantu abaka Hlongwa.
Amanganga athola ubukhosi bawo ahamba aze ayofika eMarianhill ka Ndengezi. Ohlongwa, Gabhisa,Khawula,Gidela bona bagudla baze bayofika Ko Mkhomazi,Mthwalume,Portshepstone,Mzinto. Yebo abanye bethu ngokungazi banokuphika abanye bathi akubona abakubo imvelaphi yethu yinye nje.
Unknown
Lushozi uyangena ezithakazelweni zakwa Dube but angiwboni uDube kwezaka Lushozi
Unknown
Mina ngu Shozi, Mnganga, Mthiya ka Ndawombi, Mazibi, wena owadla Imofu uthi udla inyamatane. Lona o wami u Shozi akahlobene no Hlongwa, Khawula, Khuluse. O Gcwensa , Bhebhula, Mzulwini, Ndimande abangeni kithi
Unknown
Yebo Bango Mnganga ,Mthiya ka Ndawombi, Mazibi, abadla Imofu bethi badlala inyamatane, Gedeza