πŸ’›

izithakazelo

Makhoba Clan Names & History

Izithakazelo zakwa-Makhoba:

Gwabini,
Hamashe,
Manzini, Geda,
Ncwane, ngankomo yaseMahenyeni,
Nyama kayishi, isha ngababhebhezeli,
Wena owaphuma ngenoni emgodini,
Sengwayo!

Previous

Manzini, Meaning, Origin & History

Next

Zungu, Meaning, Origin & History

12 Comments

  1. Hhay angizazi lezi,akusizona zakithi

    • Bongani Phephu

      Phela bafowethu ngeke sizazi zonke kodwa uthi umuntu uma elanda avele uZungu, avele uMakhoba, lowo uhowakithi nje kuphela.okunye lokhu kokucwasana akusisizi ngalutho

  2. Izithakazelo zakwa Makhoba
    Nina baka Joko omuhle ehlez'ndlini athi angaphumela phandle ashiswe yilanga
    Nina enakhishwa ngenoni emgodini
    Nina baka nyama kayishi isha ngabaphephezeli
    Nina benkomo ikhala ihlahlelwa
    Nina bakamgwazi kaqhaqhi uqhaqhelwa zinyoni
    Nina bewaba likagodloza
    Nina eninozwelo njenge Ndlovu
    Nina basezi Ntuzini
    Nina bakaSengwayo ngilinde ngisalanda ezanini
    Nina baka mgebisa makhonda amadoda

    Umlando ngokuzalana kwaMakhoba
    Malandela 1650
    Gwabini 1682
    Nyamakayishi 1701
    Sengwayo 1719
    Mhlwehlwe 1737
    Ncwane 1755
    Makhoba no Zungu (amawele) 1791
    Joko
    Sengwayo
    Mgebisa
    Ndabayakhe
    Ntsele
    Mthabela
    Madubane
    Dangazela
    Godloza (Gwamanda)

    • Lateta

      ngiyaxolisa uvele ngingene nje kodwa kanjani uba uthi uGwabini uzalwa Ngumalandela ekubeni uMalandela wazala uZulu no Qwabe ku Nozidiya/Nozinja wakwa Zungu. mina ngicabanga ukuthi abakwa Zungu/Gwabini bese bekhona ngeskhathi sika Malandela ngokusho kwaba Bhali.

    • Sthembiso Makhoba omncane

      yizona khe lez nkabi zungu omuhle

    • Lsg

      Greetings i hope you could help me im looking for Mr Magaisa Johannes Makhoba.
      He was working at JHB CBD in some flats what where occupied by lawyers. He was working as a receptionist or secretary im not sure. In the years of 1978-1980. I believe.

      If you have any information please email me.

    • Bongani Phephu

      La kuJoko bekumele uyaveza Joko ungakuZungu noma kuMakhoba

  3. Ngicela ukubuza bo Sengwayo, ngabe uMadubane yiso yini isthakazelo sakwaMakhoba?

  4. To Unknown: Cha akaze ngizwe ngoGwamanda emlandweni kwakwaMakhoba nakuba kungacaci ngokuzalana kwabo bebonkana ngoba siningi kakhulu isizukulwane sikaGwabini kuvela kakhulu labo abangamaqhawe isikhathi esiningi,kuzekucace uMHLEHLO ukuthi uzala uNCWANE be yena ezala Makhoba beno Zungu (Makhoba and Zungu were twins) nalapho kuvela 2 kuphela,surely bakhona abanye.

    Kusuka kuGWABINI>NYAMAKAYISHI>SENGWAYO>MHLEHLO>NCWANE>MAKHOBA and ZUNGU.isikhathi esiningi kubalwa ngokubkusa kwabo.

    MAKHOBA>MADANA>JOKO>MADUBANA,MANCENCE,MGEBISA,LUHIDANE.
    uNdabayakhe inkosana kaMgebisa.
    uKHOTHETSHENI inkosana ka Mancence kwazoba yena wazala uMBONGOLO yena wazala uZIKHALI besekuba uQEDICALA engezwa kuthiwayenake usaphila, uzinze Empangeni.

    • Snenkosi Makhoba

      Cha ngicela ukubuza lapha ngabe uMakhoba noManzini bayazalana, uma kunjalo bahlangana kanjani?

    • Celukwanda

      Ubaba uqedicala ukuphi nempangeni bo joko

  5. Ngicela ukubuza Omakhoba bayizihloboni NoGwamanda

Leave a Reply to Snenkosi Makhoba Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén