Izithakazelo zakwa-Manqele
Duyaza omhlophe njengezihlabathi zolwandle,
Mthonga weNdlovu,
Mpangazitha oziphangayo,
Mtholo,
Mahloko,
Diza kaMatoto,
Mkhawulez’ukuwela,
Mlotshwa,
Mahloko,
Phakathi kaMhawana,
Sgagu,
Khethankomo,
Mfolozi emnyama inkethabaweli,
Sthanda,
Mnkonyeni,
Wena wembange,
Wembangalala kankomo elala kalukhuni,
Mkhutshana kaSodondo kaNcungu,
Thanga limndindi,
Limndindinini ngokwethekela,
Wena ndlwana ezimbana zikaSomnguni ezimahlikihlikana,
Mkhatshwa,
Nxumalo!
Educational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Siyabonga. Bafika kanjani abakwalanga
Emozambikhi?
ngakujabulela ukuba Mnaqele
Guys muhle umsebenzi wenu ngicela ningisiza ngehubo lakwamanqele ngikhathazekile