Mazibuko Clan Praises & Surname History

Izithakazelo zakwaMazibuko:

Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

21 thoughts on “Mazibuko Clan Praises & Surname History”

  1. oNzima
    oMgabhi wamafu
    oMwelase
    oKhondlo
    oPhuthini

    oMafeba emini
    nIna enanibhala ngozipho izinyoni zibhala ngepensela
    oNyoni esindwa yisisila sayo,ogama layo uNomasikisiki

    Reply
  2. Mangw' amahle!

    Nina,
    oMwelase,
    oNzima,
    oPhuthini,
    oMgabhi,
    oManzezulu!

    Ngisho nina zizukulu zikaNkobeni,
    nina bakwaMzila.

    Nina Mawelase angaweli ngamazibuko,
    awela ngezihlengele zomfula,

    Nina oMgabhi ngamafu aphansi,
    ngoba aphezulu ahamba ubuhalahala…..
    MaNzima,

    Mawelas' amahle,

    Nina bakaMgabhi waMafu
    awalingani nawaphansi, nawaphezulu;

    Nina bakaZikode kaLanga;

    Nina bakaMashoba kaNkungw'ebilayo;

    Nina bakaMagod'aluvuno;

    Nina bakaBhoqo ziyawudla,ziyawusingila
    amagudwan'angasoze afelwayo;

    Nina benyathi yakithi emanxeba,
    ekulala yangangamanz'emifula,
    ebekuvuka yangangezintaba;

    Uvemvan'olumashob'alubhadu,
    engithe ngiyaluthinta mina mfana, njengowakhona lwahwaqabala;

    Unyamanambana,
    usoka lezintombi kwakungezakwaNokhasela;

    Umgadi kagadanga kwelikaMageba nelikaPhungashe,
    bewudl' izikhomo, bewudl'amadoda;

    Uhele abambon'ukwela ezintabeni,
    uthe esemathunzini wanyamalala!

    Reply

Leave a Comment