AbakwaMazibuko

AbakwaMazibuko bangaBaMbo Nguni, bayinzalo kaNtsele njengabantu bakwaZwane . Bazibiza ngenkosi yabo uMungwe, yingakho baziwa ngokuthi bangaMangwe noma abaseMangweni.

Umlando uveza ukuthi abakwaMazibuko bahlobene eduze nabakwaZwane futhi kufanele ngabe abaganiselani ngoba ngokomlando bangabandawonye. Kunenkolelo yokuthi isibongo sakwaMazibuko saqhamuka ngemuva kwesiga sokulalana kwezingane zandawonye. Abaningi nokho bakwaMazibuko bayakuphika lokhu.

Umlando wezibongo eziningi nokho uveza ukuthi kwakuyisiga esivamile lesi, futhi umphumela wawuvame ukuba wukuvela kwezibongo ezintsha emuva kwesiga leso.Umlando wokuzalana kwamakhosi esizwe sakwaMazibuko uyaphenyeka kuze kufike kuNtsele, owazala uMafu, yena owazala uNzima, owazala uLanga, owazala uMzila. UMzila yena kukholakala ukuthi wazala uNkobeni owaba namadodanaamabili uMashoba noMabuza.

Womabili la madodana aba nabantu abaholayo. UMashoba wazala uShoba noPhuthini.UMabuza wazala uKhondlo.AbakwaMazibuko babehlala eNgcaka endaweni engalapho osekuseVryheid manje, ngeminyaka ye-1800.

Abadala bakwaMazibuko bathi bona kuleyo ndawo basuswa ngukuthi base beqhelukiswa, sekufanele kwakhe uMkabayi kaJama lapha okunguye okuthiwa wetha yonke leyo ndawo igama elithi kuseBaqulusini. Kukhona abathi uMashoba wayakhe eNquthu lapho basuswa khona impi yenkosi uShaka ngesikhathi seMfecane ngowe-1820, babaleka badonsa njalo baze bawela uThukela bafika eMangweni, bakha. EMangweni indawo ephansi kwezintaba zoKhahlamba, inkosi uPhuthini ayiqamba ngegama lenkosi endala uMangweni.

Isizwe naso sabizwa ngegama lenkosi uMangweni kwathiwa aMangwe. AMangwe ahlukene kabili kukhona asePhasiwe bese kuba khona naseSandlwana. Kumanje kunenkosi yakwaZwane eyakhe khona eMangweni ngoba bezazi ukuthi bangaMangwe nabo. Abadala bakwaMazibuko bathi ubukhosi bukaPhuthini obafika eMangweni. UPhuthini wabe enomuzi phansi kwentaba iPhasiwe. Sengathi inkosi uPhuthini nguyena othanda ukugqama kakhudlwana emlandweni wamakhosi esibongo sakwaMazibuko.

Ziningi izindawo uPhuthini ahlala kuzo, walihamba kakhulu izwe elihlola futhi ebalekela izimpi zenkosi uShaka. Lokho kwakwenzeka kakhulu ngesikhathi inkosi uShaka ihlasela futhi inqoba ngenhloso yokwakha isizwe esikhulu samaZulu.

Bukhona nobufakazi bokuthi kwaqhubeka lokhu nasemuva kokukhothama kweLembe sekubusa amakhosi oDingane noMpande. Kuthiwa uPhuthini esezohamba wavalelisa kumfowabo uKhondlo, owabe esemnika umphako wendlela owawuyinkunzi yenkomo egama layo kwakunguGwagwagwilika.Inkosi uPhuthini waba nomlando wokuba nyamanambana emakhosini akwaZulu ngoba wayengomunye walabo ababe nenyoni kayiphumuli, eyayithandwa kakhulu ebukhosini bakwaZulu. Kuthiwa inkosi uShaka wayeseke wazama kaningana ukumephuca lezi nkomo ngaphambi kokukhothama ngowe-1828.

Lokhu kwaqhubeka kwaze kwaba isikhathisokubusa kwenkosi uDingane ngowe-1830, yena ongachithanga sikhathi, owavele wayihlasela inkosi uPhuthini.UGwagwalagwilika wamhola njalo uPhuthini emphephisa emabuthweni amakhosi akwaZulu, uShaka, noDingane noMpande. Inkosi uPhuthini yakhothama ngonyaka we-1860 khona eMangweni. Idlinza layo likhona phansikwentaba iPhasiwe.

uGwagwagwilika:

Kwabe kuyinkunzi eyabe iyisipho senkosi uPhuthini esasivela kumfowabo uKhondlo. Kuthiwa le nkunzi yayibhilwe ngemithi okwenza ukuthi igcine seyifana nesangoma. Abadala bakwaMazibuko bathi yayiluphawu lwesizwe sabakwaMazibuko ababebona ngayo uma bezohlaselwa. Phela yayivele ibhonge iphume esibayeni, bese beyilandela babaleke bathuthe kuleyo ndawo.

Ngokubhonga kwayo yayisuke ibika ukuthi impi isisondele. Impi yezitha ebizohlasela yayifika sekukhala ibhungane, bese idubela emaqhugwaneni iwashise.

Kwakuthi lapho uGwagwagwilika efike walala khona phansi abakwaMazibuko bafike bakhe kuleyo ndawo. UGwagwagwilika wayicaba njalo indlela kaPhuthini, waphunyuka njalo ekuhlaselweni nasekuphucweni izinkomo zakhe.

UMabuza:

Umfowabo kaMashoba uMabuza yena wazala uKhondlo wezimanga. UKhondlo wayemdala kakhulu kuPhuthini. Phela uKhondlo lo kwakuyinyanga enkulu yeSilo sakwaNodwengu, uMpande ngeminyaka ephakathi kowe-1840 nowe-1850.UKhondlo nguyena owayethaka adidiyele izintelezi ezazisetshenziswa amabutho ngezikhathi zempi.

Wayedume kakhulu ngamakhubalo nangemilingo ayekusebenzisa namathambo lapho ebhula. Kuthiwa uKhondlo wayelapha ngokugwilizisa umuntu esizibeni sakhe esasibizwa ngesiziba sikaKhondlo, esinamanzi ayaluzayo. Umuntu onokuphithana kwekhanda noma ukugula kwanhloboni wayephuma esephile qingqo.

Izigemegeme ZikaKhondlo::

Njengoba sesiphawulile, esizibeni sikaKhondlo umuntu wayephuma esephilile noma ngabe ubenakufa kuni. Kuthiwa uKhondlo wayenganqeni ukwendlala isicephu phezu kwamanzi esiziba, singadudulwa amanzi, sivele sime singanyakazi,uKhondlo aguqe kuso bese ephonsa amathambo phezu kwaso abhule, kodwa angacwili.

UKhondlo wayeke angene esizibeni nesikhuni sivutha ahlale izinsuku, aphume sisavutha. Le migilingwane akungatshazwa ukuthi hleze yayethusa inkosi uMpande, yabona kungcono ukuba ithumele kuKhondlo ukuba afike kuyo ngokushesha.

Phela inkosi uMpande yayinesiqiniseko sokuthi ngeke uKhondlo awelele ngale komfula kwazise wawudla izindwane. Ngokuphazima kwesowatheleka uKhondlo njengokusho kwenkosi uMpande ngoba lalingaweli phansi izwi lenkosi. Inkosi uMpande yambuza ukuthi uwele kanjani. Ngaleso senzo uKhondlo wabe esethola izibongo ezithi:

β€œWena owawela ngezihlenga zomfulaβ€œ

Ongawelanga ngamazibuko ngoba umfula

ugcwele”.

AbakwaMazibuko base bethola izithakazelo ezintsha ngaleyo ndlela.

Ukwehlukana Kobukhosi BasePhasiwe NobaseSandlwana::

Inkosi uPhuthini wabusa eside isikhathi futhi enamadodana amaningi, UMphikeleli uyena okwakufanele abuse ngemuva kukaPhuthini kodwa akabange esabusa ngoba wayesegugile ngenxa yakho njalo ukuthi uyise wayephile iminyaka eminingi futhi wabusa isikhathi eside.

UMphikeleli waba namadodana amabili angamawele uManzezulu noGadeleni. Inkosi eyalandela ngokubusa kwaba uManzezulu. UMphikeleli wayemyalile uManzezulu ukuthi uma esebuse iminyakana ethize adlulisele kumfowabo izintambo zobukhosi ngoba bamuntu munye. UManzezulu akayenzanga intando kayise yokuba ashiyele umfowabo uGadeleni ubukhosi kodwa yena wabushiyela uLukazi owabe eyindodana yakhe.

Ngenxa yalokhu kwabe sekuqala uthuthuva nombango phakathi kwamawele. Kwaba ukuphuma kukaGadeleni ePhasiwe, ehamba nabalandeli bakhe baze bazinza phansi kwentaba iSandlwana bude buduze nalapho okusenedolobha laseNquthu. Lokhu kwenzeka ngonyaka we-1882.

Ubukhosi BaseSandlwana:

UGadeleni wafikela enkosini yakwaNgobese, uSihayo okunguyena owahamba wayomkhonzela enkosini uCetshwayo. Inkosi uCetshwayo yamsikela indawo ebhekile impela nje ngoba nakhu phela ephuma ebukhosini benkosi uPhuthini. Ngonyaka we-1906 uGadeleni wabe eseyinkosi ezimele. Waqamba isizwe sakhe wathi Amangwe-Buthanani ngoba abantu bakwaMazibuko base behlakazekile, efuna babuye futhi bahlangane.

UGadeleni wakhothama ngonyaka we-1916. Ngalesi sikhathi abantu bakwaMazibuko base besabalele izwe lonke kungakho kwaba nesidingo sokwanda kwamakhosi akwaMazibuko njengoba etholakala ezifundeni ezahlukene.Inkosi eyalandela kwaba uMampunga owabekwa esihlalweni sobukhosi ngonyaka we-1918. Njengokhokho wakhe uPhuthini, wabusa iminyaka eminingi impela nje ngoba waze wakhothama ngonyaka we-1954.

UNdabakade yena wathatha izintambo zombuso waMangwe- Buthanani ngokukhothama kwenkosi uMampunga kwaze kwaba unyaka we-1956. Emuva kukaNdabakade kwabamba uNgqova isikhashana, kwathi emuva kwakhe kwabe sekubamba uMashisimpi kusukelangonyaka we-1964 kuya kowe-1993. Inkosi eyalandela kwaba uMbhekiseni Petros Mbangomuni Mazibuko owagcotshwangowezi-2009 kuZibandlela ziyishumi nesishiya galolunye, esifundeni saseMzinyathi.

source: indabukoyakho