Hlongwane
Sangweni, Ngwane, Masumpa, Ngwadi, Matiwane, Masingasileka,
Nduku Zinobulongwe,
Ngwane ongaweli ngezibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Zikhali azilingani nezama xhegwana,
Mdungude, Siyane, Nqobokazi, Songobese, Gwembeshe, Mzamo, Zikhali
Khanyile
Sogoni, Sthopho othi udlinkomo kanti udlimpisi,
Umashaya umuntu aphindele lapho aphuma khona,
Mahamba kancane Sogodi,
Phondo olukhulu olwavuma kwavuma amadoda,
Shalashala elihle elithi ukuvuma ukulandula,
Ntunjwa ka Langa,
Mthiyane, Ndwandwe, Zikode, Mabhuqa, Ngwane
Amakhosi Amangwane ngokulandelana:
Somkhabase;
Mafu;
Matiwane;
Ngwadi;
Ndungunye;
Ngwane;
Tshani;
Masumpa;
Zikhali;
Ngwane;
Bambazi;
Ndungunye;
Tshanibezwe;
Maswazi (Ibamba)
Menzi
Ubukhosi
1. Alfred Mzondeni Hlongwane (Bulwer)
2. Mboneni Absolom Mavuso (St. Lucia)
3. Menzi Hlongwane (Bergville)
Other Amangwane are found in Swaziland, Lesotho, Eastern Cape, Free State, Mpumalanga and all over South Afrika, Afrika and the world.
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
mina ngfisa ukwaz ubuhlobo kuSimelane noNgwane coz uSimelane ubuye kube uLaboNgwane eswazini bathi Gwane
Kanti oKhanyile oSogodi. Bengithy oNgwane,Mthiyane.Mandondo
Okhanyile baseyibo oNgwane yikho uhla lwabo lubekwe nolama Ngwane kodwa bona oNgwane Sogodi hhayi Ngwane ka Ngwadi/Matiwane.
Ngicela ukwazi uNgwane kaSogodi indabuko yakhe iyiphi amaSwazi nome amaZulu
Bengicela ningisize ngesithakazelo sakwa Lukhele nemvelaphi yabo
Abakwa Lukhele ngolwazi esinalo abakwa Nyoka, Mdluli bahlobene no Nzimande no Vilakazi ama Phephethe.