Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

More about Mnguni Gumede Khuzwayo

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

131 thoughts on “Mnguni, Gumede, Khuzwayo”

  1. Ngibonga bonke abacacise okuningi ngomlando wakwa Gumede ebengithi ngigcwele ngawo kanti kuningi ebengingakwazi. Ziningi izithakazelo engiqalayo ukuzizwa ngoba thina siyaye sisho U Yeyeye, uMnguni, uPhakathwayo, uKhondlo, uQwabe bese sigcina ngokuteketisa ngombuzo othi “Ntabani Leyaya?” – Impendulo ithi “Ungoye Gumede!” Lokhu sikususela emlandweni othinta isehlakalo somndeni wakithi owawusOngoye ….. Indab’ ende yona lena kodwa-ke elandela uzalo lwaboGumede ababalekela eNyakatho ngesikhathi sika Shaka. Loluzalo lwaqamba ubukhosi bakwaGumede obukwaMduku (NgaseHluhluwe) lobubukhosi busekhona namanje sebuphethwe yindodana ka Simon Hulumeni Gumede. Abanye badlulela phambili badala obunye ubukhosi (baKwaMashabane) obuphethwe wu Sizabantu, ka Zikhungu, ka Ndabazampi, ka Manaba, ka Mahlabeni owayekhona kusukwa Ongoye. Baningi-ke laboGumede ngoba nami nje ngiphuma kwenye yezindlu zabo okukhona o Mfuzi, kaMziki ka Madumane, kaSoshangane naye owayekhona kusukwa Ongoye.

    Reply
    • BOPHAKATHWAYO NGICELA UKUBUZA NGINGAYITHOLAPHI INCWADI OR UMQINGO I NOMLANDO NEZITHAKAZELO ZAKA KHUZWAYO??????

      Reply
    • Mnguni, ngiyathokoza ngo Lwazi. Ngizwile ngomhlangano noma uMthandazo ozoba soNgoye ngezi 25-26 November 2023 ukukhumbula lomlando owusho lapha.

      Reply
  2. Ngingathanda ukukwazi ngemvelaphi yakwa Mnguni

    Reply
    • Ngisacela ukubuza ngihlangene nensizwa yakwa Sabela kodwa Ibiza isithakazelo zika Gumede ngabe sihlobene?

      Reply
      • Salwa nabakaNomo(abazishintsha bathi ngoSabela) siholwa yonkosi uPhakathwayo empini yeziChwe zakaMthethwa neZinkonde zakaQwabe Sabehlula wathi uDingiswayo “ngoba Nomo usabelile ngikubiza usungu Sabela” dadewethu ungambizj nangephutha uSabela noma uNomo kwizithakazelo zakwethu kaQwabe bona oSabela bayazibiza izithakazelo zakaQwabe kodwa esikhundleni sikaPhakathwayo bathi Somnomo nathi asimubizi uSomnomo sithi Phakathwayo ngoba labobantu bashona bengaxolelene kusanempi phakathi kwabo

  3. In other words Gumede,khuzwayo,Mzimela and many others are one thing that came from ‘MNGUNI’

    Reply

Leave a Comment