clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Mtshali

Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izithakazelo zakwa-Mtshali

Hlabangan’elimhlophe okwezihlabathi zolwandle,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha waphuma sivutha futhi.
Magalel’agase njengengonyama,
Matshing’angacoshi kucosh’abafokazane,
Khondlo!

Previous

Mthimkhulu

Next

Mtimande

15 Comments

  1. Ngangifuna ukuboleka imali ukuze ngilungise izikweletu zami & nezikweleti, ngakho ngibone imibono mayelana ne-Blank ATM Credit Card engakwazi ukuhoxiswa imali kunoma imuphi umshini we-ATM oseduze nawe. Ngangabaza ngaleyo ndlela kodwa nginqume ukuzama ukuxhumana {[email protected]} baphendule ngemikhombandlela yabo mayelana nokuthi ikhadi lisebenza kanjani. Ngaciniseka ukuthi leli khadi lingakwazi ukuhoxisa u-$ 5,000 osheshayo ngosuku futhi ngabizwa nge $ 50,000 ngakho-ke ngacela eyodwa futhi ngikhokhela imali yokulethela ukuthola ikhadi, ngemva kwamahora angu-24 kamuva, ngashaqeka ukubona i-agent ye-UPS kumuntu ohlala naye iphasela {ikhadi} ngisayine futhi ngiphindela ngaphakathi futhi ngiqinisekisa umsebenzi wekhadi ngemva kokuba i-ejenti ishiye. Lokhu akungabaza ngoba nginekhadi futhi ngisetshenzisiwe ikhadi. Laba baduni bangabakwa-USA basuselwa ekusizeni abantu abanenkululeko yezezimali !! Xhumana nalawa ma-imeyili uma ufuna ukuceba ngale ndlela: [email protected]

  2. Ngiyabonga ngalengodi enhle ksngsks hlabangani usmangele mtshali indodakazi kaphiwa jasper mtshali elamont kwagijima

  3. SICELA NINGAZINONGI IZITHAKAZELO NGANE ZAKWETHU,AKUZONA IZIBONGO LEZI,UMA SENIZINONGA NISHINTSHA ISIGQI SEZITHAKAZELO NOBUMTOTI BAZO.NGAKHO NGYACELA BOHLABANGANE ELIMHLOPHE NGENHLIZIYO NJENGEZIHLABATHI ZOLWANDLE,BONGEMA,NINA BOKONINA KONINA NIHLONIPHE ISIBONGO SETHU NEZITHAKAZELO ZASO…
    BOMANTSHINGA USHELENI KU8COSHE IZICHAKA

  4. Hlabangane elimhlophe
    Elingavutshwe ngankobe
    Livutshwe ngoChwebeni
    Magalela agasele
    Njengengonyama
    Mantshinga angacoshi
    Kucoshe
    Ndima zakhe kazilingani nezabafokazane
    Linda mkhonto

  5. Ningabakwethu Nina boGalela masibambane boKhondlo

  6. Ngyazbongela mahlabangan amahle singaykhohlwa inkabayethu kuthi uye ubabaMkhulu magalela'gase njengengonyama mantshinga khondlo gabisa mlambonsele kalindamkonto,Nonkosi!Mnkabinde Mhlambo'weznyamane. Ngyabonga u David SHLANGU lo Nyezi mawthanda uMtshali eMakhabeleni Kwasengey

  7. Siyabonga bhuti u-Hlelani Mtshali e-Nquthu kwaHlazakazi e-Mangeni

  8. ASIBONGE KUYASHO UKUTH NATHI BOHLABANGANE ASIBANCINYANE. UQINISO MTSHALI EMANGUZI

  9. Aw owakwethu wena
    Usphamandla mtshali lo emlazi

  10. Anonymous

    Ngyazbongela nam ngezibongo

  11. Magalela'agase njengengonyama

  12. Bhekithemba Mtshali — Groutville KwaDukuza.

    Ngiyabonga Mantshinga ngalelithuba osivulele lona lokuthi nathi sisho esikwaziyo.Ubaba wayethi uma ezisho athi.

    "Hlabangane elimhlophe qwa elingavutshwa ngankobe livutshwa ngochwebeni,Magalel'agase njengengonyama,Mantshing'angacoshi kucosh'abafokazane.Thina bakwa lindamkhonto njengense."
    Khondlo.

    Wayebe esefakake okhokho bethu.Owethu kwakuwu Mzimba kaSoyamba.

  13. Bhekithemba Mtshali — Groutville KwaDukuza.

    Ngiyabonga Mantshinga ngalelithuba osivulele lona lokuthi nathi sisho esikwaziyo.Ubaba wayethi uma ezisho athi.

    "Hlabangane elimhlophe qwa elingavutshwa ngankobe livutshwa ngochwebeni,Magalel'agase njengengonyama,Mantshing'angacoshi kucosh'abafokazane.Thina bakwa lindamkhonto njengense."
    Khondlo.

    Wayebe esefakake okhokho bethu.Owethu kwakuwu Mzimba kaSoyamba.

  14. NGIYABONGA BAFOWETHU NIME NJALO BOHLABANGAN'ELIMHLOPHE

  15. ake ngibonge ukubona ukuthi kukhona umuntu noma abantu abakhathalele isibongo sakithi kanje nime njalo nina bakasiwangu!!! u-Victor Mtshali waseNquthu kwaNgedla uyabonga

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: