Izithakazelo zakwaMthimkhulu
Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!
Izithakazelo zakwaMthimkhulu with English translation:
Hadebe,
(Hadebe).
Bhungane,
(Bhungane).
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
(You who grew in a place where one does not grow / in an unlikely place).
Mashiya amahle,
(Beautiful shields).
Mashiya amahle njenge nyamazane,
(Beautiful shields like those of the buck/antelope).
Mashwabada,
(Mashwabada).
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
(You who skinned the cow along with its horns).
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
(When it arrived at the narrow passage, it became weak/tired).
Umkhulu Bhungane!
(The great elder Bhungane).
>> If you’re Mthumkhulu, you must read this <<
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Unknown
RADEBE/HADEBE
Bhungane kansele, Mthimkhulu, Ngelengele.Nina BakwaS'goloza esimehlwa bomvu esibheka umuntu ngathi simjamele, Nina bakwanzipho zinde ngokuziqwayela.
Nina enaqhamuka esizibeni esinomhlanga ningezinyamazane,bomashiya amahle afana nawenyamazane, bongelengele abahle.
Nina bakwa Ndlubu ezinhle ezamila kwaSothondose, Nina enindlebe zikhanya ilanga, Nina enindlebe zinhle zombili.
Ninabakwa bhucwa,Nina bakwaHlubi enahluba inja ngozipho, Mashwabadela Owashwabadela Inkomo kanye nezimpondo zayo.UMkhulu Ngelengele, Nina bosiba olude olungakhothami endlwini kodwa kwezinde luyakhothama.
UKhulu Bhungane kodwa kawungangoNkulunkulu yena oziquzintathu wena ungamakhulukhulu
Zamokuhle Mncusiwa
Mncusiwa
Zamokuhle Mncusiwa
Mncusiwa