Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
msindiseni
Mina ngami kuthi sihlukene ngokhokho njengokuthi mina ngizalwa Ngumpongo kuze kufike kubaba ongizalayo, but magatsheni kumele sulandele umsuka wethu nezingane zethu zazi zifundiswe. Baningi asebethatha isibongo sethu ngokusithanda but bungazi.like ma uthi Uzingelwayo aphike athi unguNdlovu. Lol masilungiseni
Lindokuhle
Yaz nami mfethu ngazi ukuthi oNdlovu bango zingelwayo futhi ngine ntshisekelo ngokwazi ngesibongosami. okungididayo futhi i lendaba yokuthi khona o oNdlovu abangasiyena u Gatsheni. ngcela ungichazela kabanzi uma unolwazi ngakho
smangele Ndlovu
ngicela ukwaz kabanz ngalesi sithakazelo esith #nkomo zidla ekhaya ngoba ziswela abelus#
Khethiwe
I ddnt realize thc uLushaba nondlovu bt ngasekhaya kona umama obizwa ngakho
mandla
ulushaba kuthiwa udabuka enyakatho wabaleka kuliwa wafika e south coast wahlala khona waze wakhula kwavela esekhulile ukuthi igama ulushaba kodwa yena undlovu engingakwazi ukuthi ubukhosi ubuthole kanjani
thwasa
MaGatsheni
ULushaba yebo uNdlovu kuthiwa wabaleka wehlela eningizimu. Mayelandelwa ke izimpi mabeficwa baziphika bathi bona bawuLushaba lukaNgodi okuyena owayebahola ngaleso sikhathi. Kwase babuya lamabutho abuyela kaLushaba banikwa utshwala bathe bangadakwa babulala. Basuke bayozinza eTshemahlamvu kude buduze ne Port Shepstone lapo babanomhlaba ke Kwase kuvela ubukhosi bakwaLushaba nesizwe sasOshabeni ubukhosi baholwa inkosi UDingizwe kwawela kuSnqanda kwehikela kuZiwengu
Sizwa kuthiwa ke kwaZulu isilo sabayalela ukuthi babe oNdlovu kuma ID ngoba ekwisona sibongo esaziwa endlunkulu uNdlovu. Njengamanje kunemicimbi eseyenziwa kuguqulwa uLushaba ebuyela kaNdlovu
Mpongo!!!
Siyabonga Ndlovu
hi khethiwe ulushaba usawundlovu kthiwa waxabana nomndeni wakhe waseyaphuma khona wafika kwenye indawo wangabe esazibiza ngokuthi owakwandlovu but wasebenzisa igama lakhe and izithakazelo akazishintshanga zona