Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
Sphiwe
Mina ngfisa uyichaze ukusuka kwake uNdlovu phecelezi udabuka kuphi ngoba bakhomba eSwazini nakoLesotho sengdidekile manje okangonyama wehlela ngezansi
Ayanda Nsibande
Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa Nsibande
Lindiwe Malaza
Sibandze, Goje, Mdlanyoka, mnzenge loncama netitfo takhe, phangela khulu…..
Sphiwe Ndlovu
Mina ngingu-Ndlovu
Ngonyama
Boya benyathi
Obsonga b’sombuluke
Uyabona ekhaya maw’ngakhuleka uthi-Gatsheni or uthi Mpongo, noma uthi Ndlangamandla. Abavumi, bathi thina so-Ngonyama, into eng’xakayo angaz ukuth kuhlukene kanjani.
Ngake ngaz’hlupha ngith ng’yabuza ukuth s’hlukana kuphi, kodwa akekho owag’phendula.
Ondlovu Ngonyama ubathola kakhulu e-Mpofane Mooi River, nako-Mpendle.
Ng’cela onolwazi ang’chazele ukuth kanti sihlukana kanjan, shlukana kuphi, ngoba egcineni sonke so-Ndlovu.
I-whatsapp number yam: 0847551219