πŸ’›

izithakazelo

Ndlovu Izithakazelo noMlando

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Previous

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Next

Stanley MONDLE Mbatha

6 Comments

  1. Mjabuliseni Ndlovu

    Asihlobene nje nakancane noMthiyane kufana amagama ezinsizwa nje la

  2. Polite Ndlovu

    Sanibonani, Sanibonaa bakwethu, ngiyayibongela kuni nonke bakwaNdlovu, ngithi nje isihlahla sinempande eyondwa masibeyimbumba nathi.

  3. Nami ngivumelana nawe. Umlando uyaveza ukuthi isizwe esiqamba izibongo ngezilwane ngamaPedi, kodwa amaPedi asondelene nezinye izozwe zabeSuthu okwenza kube khona indida enkulu. Sengivala nje, angimukhuthazi uNdlovu ukuthi abheke umlando wakhe kukaNguni namaZulu ngoba isimo senhlalo yamaPedi sikhomba ukuthi sivela kumaPedi! Ucwaningo masilususele esizweni samaPedi.

    • Hy bengicela ongangiyalela ukuthi ngingayithola kuphi incwadi enomlando wakandlovu plz ngicela ningisendele via sms 0749318570 or whatsapp 0760797045 ngiyazicelela nganezakwethu

    • Vennesa Ndlovu

      Mina ngicela izithakazelelo zikaGegana

      • Hy ukhona mfe2 umuntu okuthiwa uMkhokheleni ozalwa umaNtanzi bt angimazi yena ngazi abafowabo. Kade behlala eShowe endaweni yasoYaya bt sebeseMandeni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén