Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
solomzi luphuwana
Ndicela ukwazi ngale fani ka Luphuwana isiduko ngundlovu zidlekhaya usibalukhulu ukhuze utiba unhlangwini
lungelo
sonke siyizingane zika ndlovu laba abasohlukanisa phakathi bango ngoma uyayona
ZINHLE NDLOVU
NAM SHONJALO
Goodness Nelisiwe Ndlovu
Mina ngu Ndlovu, Gatsheni, boyabenyathi uqgubeke njalo, oMpongo and ngokutshelwa obaba bathi akekho umZulu kaNdlovu sonke siqhamuka eLesotho kodwa omkhulu bahla ngesisululu angazi noma iqiniso yini mina ngithanda kabi kwazi ngemvelaphi yakithi
M
Mduduzi A Ndlovu
Nami ngazi ukuthi, oNdlovu abawona amaZulu, singabeSotho. Masizibiza Sotho… Ndlovu; Msuthu, Ndlangamandla, Mgebisa kaQholo, Ngwadla emabhudla; Ndlovu ezidle khaya ngokuswelakala kwabelusi zaze zaluswa intombazane uDemazana. Zingubo ezinomvu, wena oyangenhloko lakikhona ukufa, njalo njalo
Thobani
Msuthu ongubeybomvu odla amakati nezinja
Nami angaz zithin kodwa ngyafisa ukuzaz kanye nemvelaph yethu
Nonhlanhla Ndlovu
Yes sis Neliswa nam I was told that oNdlovu abesuthu. Kodwa ngizwa kthiwa bahlukene khona oNdlovu abawo Msuthu abase swazini aiy emazulwini angkaze ngizwe kthiwe singabe zulu