πŸ’›

izithakazelo

Ndlovu Izithakazelo noMlando

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Previous

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Next

Stanley MONDLE Mbatha

3 Comments

  1. Sinqobile Ndlovu

    Eshh ngaze ngakholisa bakwethu, kangazi okunengi kodwa thina ngakithi baqala ukwazisa uMadlabutho beze kuqamu ababelebutho abahamba baze bayahlala emzola Lupane Zimbabwe bengicela lingicede uma kukhona ongabe esazi NgoMadlabutho lowo loba uNqamu ngoba bathi ngokhokho labo but bayatsho ukuthi sivela le siyele sisiya le, besekusiba nzima kimi ngoba ubaba waze wangatha igama elithi Madlabutho abathi wayesebuthweni likamzilikazi onguye owaduma ngokuhlala kweleZimbabwe. Whatsaap number yami nxa kulo muntu ongabe esazi ngoMadlabutho loba Ngonqamu useduze nami kelowo 0836650541 ngiyacela ngiyabonga

  2. Zakhele donald ndlovu

    Bakwethu mina ngingu zakhele ndlovu gatsheni boyabenyathi obusonga bsombuluka dlangamandla mpongo kazingelwayo ndlovu zindla ekhaya ngokuswela umelusi zase ziluswa yintombi udumazile nina bakwa khumbula amagwala sihlangu esihle mthiyane ngokuthiya amadaoda emazibukweni ndlovu mawucaphela kahle u ndlovu wuye kanye osihlanganisayo sonke siyizi zukulwane zakhe ngoba undlovu uzala ugatsheni ugatsheni yena uzala ulamula ulamula yena uzala uzingelwayo uzingelwayo uzala umpongo umpongo uzala ungema ungema uzala umdingi laba ke wo khokho bokhokho bethu ngoku hlukana kwethu angvalelise ngiyabonga ndlovu

  3. zamani

    hei guyz plz tl me more my surname is nhlozi ngokomland kuthiwa babalek ngenxa yezimp bona kwakungo tlou so baze bafik kwamhlab uyalingan lapho kwashon khona o tlou baningi olwandle olubizwa nge blackrock namanj kusakhon indaw yakhona ibizwa ngezintange so nolwaz kangchazel

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén