πŸ’›

izithakazelo

Ndlovu Izithakazelo noMlando

Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi

Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!

Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:

Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu

Previous

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Next

Stanley MONDLE Mbatha

5 Comments

  1. Mina ngokuzwa kwami ngendaba yezithakazelo ngezwa bethi kudala le izithakazelo bezibakhona ngesenzo somuntu engicabanga ukuthi yiyo lento ethanda ukudida kakhulu.okungangokuthi mina nabafowethu singenza ngokuhlukana hlampe mina ngibulale ibhubesi omunye wabafowethu adume ngokunye mhlampe ngokuzingela.lezo zinto bezifakwa zingane uma sezibonga ubaba wazo nje njengami uma ngabulala ibhubesi ngomkhonto sekuzongenaa uma sebezitsho izithakazelo zami kodwa kumfowethu ngeke bakubize lokho ngoba yena wayedume ngokuzingela bazobiza lokho nje sikhule kanjalo isthakazelo yingakho zingasoze zifane okuzofana nguye lo Ndlovu obevele ekhona onguye ohlanganisa umdeni wakhondlovu.okuchaza ukuthi abanye ngoSonkomo Mthuli wamaduna qhagwe eliduna umgigo ogiga abetshabe besekungena ke nalezi engizizwa lana lizisho.imvelaphi ikhona siyayazi ngokudabuka kukandlovu izithakazelo zihluka ngokwenza komuntu ohambeni lwakhe.laba abalahla usiko yilapho okwaphelela khona iketang yezithakazelo okungangokuthi nathi esikhona manje sishiye lokho ingane zethu nezizayo zizosala zisikhumbula ngakho ube kuChain yezithakazelo.masingadideki Baf’wethu.mina ke Ngingu Ndlovu womNdebele kwa Mzilikazi.yikho nje ubona isindebele sami sibalekela esiZulwini.

    • Manqoba ndlovu

      Mfo wethu cosmas mhlanga ndlovu ngithi angikubonge ngalokhu okushoyo iqiniso kuhluka ngezenzo owami ubaba igama ababembiza ngalo kwi “soccer” esakhula kwakungu mpisi yena uma engibiza ungibiza NGO bhambatha ka mpisi kusho ukuthi akuzona kumina ubona izenzo zami angifanise no bhambhatha lo ozalwa umancinza

      • Manqoba ndlovu

        P.S. cosmas mhlanga we are all 1 inkinga undlovu lo ozala wonke lamadodana udabuka ukuphi?

  2. Nkosinathi Ndlovu

    ONdlovu oboya benyathi, omehlo mancane, okumbudzi – yilokhu engakuzwa ngisakhula kuMkhulu.
    Ingabe yindlovu enjani.

  3. Thulani Ndlovu

    BoGatsheni Sizwe sikaNdlovu. Cha nami ngithi angiphonse esivivaneni emlandweni wakithi kwaNdlovu. okokuqala kumele sithole ukuth ayemangaki amadodana kaGatsheni nokunguyena owafika kuqala esizweni sakwaZulu. umlando oyizicucu esinawo njengamanje la okaZingelwayo owayesolwa ngokuthakatha nguMacingwane. nokungaziwa ukuthi wafa kanjani kodwa kwaziwa indodana yakhe uMpongo eyabulawa uBheje. besekuthi abafowabo bakaMpongo abavezwanga kulomlando ocoshwayo. okokugcina ukuth uBoyabenyathi igama lenye yamadoda akwaNdlovu, kodwa engingenaso isiqiniseko sokuth uzalwa nguyeyini uZingelwayo noma cha

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén