Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
Mziwamandlovu
BooTungwa, ndimamele. masifundisane.
Fraser Mncedisi Ndlovu
ngingu Fraser Mncedisi (Ndlovu) Ratshitanga
ngiphethethe isihlahla somndeni wakwaNdlovu, O Ndlovu abasenhla nezwe nale KZN.
Ngobuningi sakhele I Newcastle izinkaba zethu zasala Esidakeni naphansi kwentaba iMadlangeni e Utrecht. bakhona abanye bethu abaphakathi kwe Vryheid ne Mondlo kanti futhi nalapho safudukela khona ngo 1969, sisuka eMadlangeni saya OSizweni lapho sibaningi khona futhi. lesihlahla ngasiqala ngingedwa sabe sesingenelwa ngundeni ngesasa, sesikhulile manje, sinenjongo yokuhlangana no Ndlovu Gatsheni, oMpongo laba abaneNkosi yowesimame,
lesihlahla siqala kuMgebisa size ngo Mnyama sehle size sifike kulesizukulwane sethu, mina ngazalwa ngo 1967 khona e Utrecht, ngisebenzela e Pretoria umuzi use Midrand kodwa ikhaya elikhulu lisekhona e NEWCASLE, Osizweni e ward 13 duze Ndonsa ne Xolani high schools.
ngizothatha isikhathi sokuhlela lesihlahla bese ngisifaka kuyo lengosi yezokuxhumana kungedala nje. ngiyanxenxa ke nabanye besondele sokwazi ukwakhwa lelifa labantwana bethu.
isisusa somlando sithi: uMgebisa no Gatsheni bangabesende elilodwa bangabeSotho babelwa izimpi zombangazwe, babaleka e Lesotho baphuma ngentaba Mnyama, bazongena ngezintaba zondi, e Underberg, KZN. Lapho bahlukana Umgebisa yena omdala wakhuphuka waya enhla nezwe kwathi uGatsheni waya eZulu land lapho afika walwa khona izimpi zombangazwe saze iSilo Ushaka samklomelisa ngomhlaba, kuphinde kuthiwe UMgebisa waba yi ngede YESILO Ushaka okwasiza isilo ukuthi sithubeleze size siyongena e Lesotho.
thina sithi:
Ndlovu, Ndlangamandla, Nkomo zadla ekhaya ngokuswela abelusi, zaluswa yintombazane u Demazane, Msotho wezingubo ezibomvu, ngwadla yamabhudle eyathi ibhudla omunye yabe ibhudle omunye ngayizolo. Manyama ka Madinane, nsungulo azigobi zinguzingile ,zagoba emhlahlandlela, nina bokungena ngenhloko lapho kunokufa khona.
ngiyema lapha
ngizifaka kanye nesihlahla kulengosi yezokuxhumana, ngitholakala kakhulu nge cell nange email
cell: 0726161290
T: 0123932800
email: RashtangFraser@saps.gov.za
Prince Ndlovu kaGatsheni weNguni
Yiphutha lelo uGatsheni akabuyi eLesotho nesizukulwane sakhe abayena abeSotho futhi uShaka gokozaloutisizukulwane kuGatshenimqnje uma uhlanganisa uGatsheni noShaka ulahleke kakhulu ndoda! UNdlovu owathunjwa nguShaka uTlou wazala uTholudala banesizukulwane saboke labo thina oGatsheni ningasfaki lapho
Macnally Siyabonga Ndlovu
Sengiya dideka ke manje… nginguNdlovu
Gatsheni,boya benyathi
Mpongo kaZingelwayo
Dingiswayo
Impunzi evuke nomkhonto emawunzi
Isambane esimb’ umgodi singawulali
Ugagane oluvalela abantwan’ eziswini
Umhlaba dabuka ngimbe ngingene
Umkhonto usimuka noNdiyane
Njalo njalo….
Ake ningichazele ngoba indabuko yethu sonke singabakwa Ndlovu ihlukile… aningisize nangeyami if nizokwazi.