clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Ndlovu’s son and Dlamini

According to Hlubi records, one of Ndlovu’s sons was Mntungwa who is then brother to Dlamini. This is a common salutation among amaNgwane Hlubi and Dlamini people and at one point there was a group of clans who were called abeNtungwa and this included the Khumalos, Ndabas, Ndlovus, Mahlangus and other small clans.

Indaba yabo Dlamini-Mntungwa ihlale ivela kodwa abaningi abakwazi ukuyichaza kahle. Ngicela uMthiya axhumane no Sizwe Mbatha ongusomlando. uyena onencazelo ezwakalayo ngo Dlamini-Mntungwa. Kungcono ukuyithathisela kuyena ngoba uyazi kahle. Engingakusho nje ukuthi baphuma endlini kaLokothwayo kodwa yingxenye yayo,hhayi yonke.Ngicela wena Mthiya ubachazele kahle uma usuyithathisele ku Senzo Mbatha.

Nami ngo 18 May 2013 ngizoba e Witbank dam ngiphaka wona umlando wakwa Dlamini and sebengicelile ukuthi ngiwuphathe lo oka Dlamini-Mtungwa ngoba baningi kuleyandawo. Okubalulekile okufanele umuntu akwazi ukuthi njengoba kushiwo umlando wamakhehla ezindlu ngokwehlukana kwazo,yikho khona lokho abantu abagcina sebekusebenzisa njengezithakazelo kanti eqinisweni akusona isithakazelo sesizwe sonke samaDlamini,kodwa kuyisiteketiso.

If we try to convince ourselves ukuthi amagama amakhehla ayizithakazelo,sigcina sesine nomqondo wokuthi isizwe sesihlukene kanti sikhuluma ngesizwe esisodwa kodwa esakhiwe izindlu eziningi.I mentality eyatshalwa abelungu kithi yokuthi sehlukene akumelanga siyivumele ukuthi isibuse even long after i Colonialism seyaphela. Sengivala nje,ngisaphinda ngiyagcizelela ukuthi akekho omunye uDlamini ophilayo ngaphansi komthunzi welanga ongesiyona i decendent kaDlamini wokuqala owasuka eMbo ongu Matalatala. Before Matalatala there was no Dlamini on earth.Ngiyabonga.

Okunye okubhalwe ngumlandeli we-blog ngoDlamini.

UDlamini Latha ugcwele lonke izwe. Kodwa Latha bebaningi khona nalapho kunenkosana yabo khona kuseMsinga. Kusesizwe sakwaLatha esikoPMB kuze kuyoshaya ngoMzikhulu. Leso sizwe sizalwa umzukulu kaLatha uMashwabade. Emsinga ilapho begcwele khona . Ngoba kukhona abakhe endwaweni ebizwa ngLatha Ntsawe.

UNtshawe unguMzukulu kaLatha. Latha Clan nayo inawo amakhosi . Kusukela kuLatha ngizowasho ngokulandelana kwawo kuze kufike manje noma ubukhosi sebephela . Ubukhosi bakwaLatha bugcine ngenkosi uMahleza. Naye okhothame ngama early 1910.

Akekho umuntu ongazi ukuthi amabhunu ayezitapela izwe. Ngizobala kuze kube namhlanje ngokwamakhosana Latha,Zulu, Mashwabade, Jokozela, Mphahlwa, Mahleza, Magwetshana, Ndukuyakhe, Piti, Mduduzi. Mduzuzi uyena okhona njengenkosana manje yesizwe. Indlunkulu yakwaLatha igama layo lisePhangweni esigodini sakwaLatha eMsinga eMabomvini.

Previous

Intlangwini Descendants 😍 Dlamini

Next

Isitopho zakwa Maphumulo

1 Comment

  1. Xolani

    Please help me find a tsonga surname “chazen”they are related or they are one with baloyi,mathebula

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: