clan names πŸ‘‘ history

izithakazelo

Ndwandwe, Nxumalo

Abantu bakwa Ndwandwe baduma kakhulu ngesikhathi kubusa u Zwide eLangeni. Banobuhlobo obukhulu nabakwa Ngwane.
ULanga wazala uMavuso owazala u Ludonga yena wazala u Xaba owazala uLanga wesibili yena owazala uZwide.
UZwide yena wazala uNomhlanjana, Shemane, no Sikhonyana.
Khona kwa Ndwandwe kukhona no Manukuza owazala uNxumalo owazala uGasa, owazala uZikode, owazala uSoshangane owazala uMzila no Mawewe. UMzila yena wazala uNgungunyane.
Ake sibathakazele:
Zwide ka Langa
Ndwandwe, Mkhatshwa
Wena wase Gudunkomo
Wena wasezikhotheni
Ezingakhothi ngomlomo kodwa ezikhotha ngo mkhonto,
Mkhatshwa
Nkabanhle
Somaphunga
Masuku
Zwangendaba
Simelane…



🔍 Search here 🔍+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nzama, Mdunge, Maphumulo

Next

Fakathi, Fakazi, Dlomo, Guma, Duze

9 Comments

  1. sphamandla buthelezi

    Wish to know more of Mathole Buthelezi

    • Kwazikwakhe Mncedisi Simelane

      U Simelane abamusho wonke bamusho bamshiye ewuhhafu kanti uyachubeka, njengokuthi nje “Mnguni wasebuhleni Mazalankosi Nkomo dlala ekhaya ngokweswela Umelusi zaluswa intombazane “

  2. Khulekani

    ningalokothi nje ningitshele ukuthi uSimelane no Nxumalo bahlobene

    • mpume zwide

      Ai bo iyamangaza ke le

    • tebenguni simelane

      Eish not when I am a Simelane and about to b married to a Nxumalo guy

  3. poppy

    Izithakazelo zakwa thwala nd simelani

  4. I want know more about VILANE

  5. Bongumusa

    Bathi izithakazelo zabakwaKhathi zihlukene kabili kukhona ezithi NANDISA, PHAKATHWAYO, SOTOBE ngiyazazike lezi……

    kukhona ezithi ZISHI, NKUMBI ngicela ningiqhubekele uma nizazi

    • Thembinkosi R. Khathi

      Bathi Zishi, Nkumbi, Mlungwana, Mathunyw’avume, wen’owazul’enyangeni’ Kguyeye….. OKhathi bakoBulwer labo. Asiytholi imvelaphi egcwele ngabo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

β“’ 2025