Izithakazelo zakwa-Ngcobo
Mapholoba!
Mbele!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma
UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
UMfuz’ afulele
Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi
Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle!
Angathi azoshumayela
Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona
Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina
Sihayo!
Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200
Hoodies: R400

Unknown
..mmm wasisho madoda kwath cosololo
Unknown
Asihlangani thina noSibiya (lento yokubiya is just an expression, much like Ogumede nabanye when they say 'Mpangazitha'). oMbili ke ntombi, yebo, bangabakithi. So, awulokothi ugane khona!
Unknown
Kuningi ngomlando wethu okushayisanayo. Enye imbangela ukuthi wawubhalwa abanye betshelwa abantu lokho okwenza kube khona okushiyekayo. … . Uma sibhala nge English, sisuke siixhaphaza ulimi nje, hayi ngoba siluthanda..
Unknown
M so proud to know this..all along kunabamntu endingaz kuthi nginobhlobo nabo #huntshu ngalemini ye heritage
Unknown
I'm actually proud to know almost most of my clans #fuze, Mavela :-)