Izithakazelo zakwa-Ngcobo
Mapholoba!
Mbele!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma
UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
UMfuz’ afulele
Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi
Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle!
Angathi azoshumayela
Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona
Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina
Sihayo!
Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200
Hoodies: R400

Unknown
Yithi labo ngavukwa uhlevane kwathi angigiye phezu kombhede
Unknown
kwaNgcobo isibongo esikhulu esinomlando
Unknown
Fuze!!noDambuza pho? ay ziningi shame ebengingazazi and ziyangimangaza
Unknown
Hhaybo shuthi Ngcobo no ngongoma into eyodwa, hhay ngathi kuncono ukuhlala ungazi makunje
Unknown
SHONO KAHLE LAPHO :-) NGYABONGA MINA