πŸ’›

izithakazelo

Ngcobo, Meaning, Origin & History

Izithakazelo zakwa-Ngcobo

Mapholoba!
Mbele!
Maguya!
Nyuswa kaDingila
KaNgcobo kaVumezitha
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uNgongoma

UNgongom’ azal’ ushangase
UMkeshana
Ngcob’ omhlophe
Ozal’ uGasela
UMfuz’ afulele

Nina basemaQadini
Enizal’ uDude noDabeka
KaSilwane kaNjila kaNgotoma
IQad’ uqobo
nina bakwaMgudwa
KaMshiwa kaNcume kaMgabhi

Mashiy’ amakhulu!
Mashiy’ amade!
Mashiy’ amahle!
Angathi azoshumayela

Nin’ enibiye ngenkomo
Abafokazana bebiya ngamahlahla
Nin’ entatanyiswa
Njengabafazi ningebona

Mpaka ziyaphikisana
Ith’ enye yim’ igoso
Neny’ ithi yiyo
Yemese kaNyuswa
Nina bakaMbethe weqhina

Sihayo!

Zikhona izikibha zakwaNgcobo ezinhle ezibhalwe izithakazelo/izibongo: 061 868 5163
T-shirts: R200
Hoodies: R400

 

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nene, Meaning, Origin & History

Next

Ngema, Meaning, Origin & History

3 Comments

  1. Kumnandi ukuba owakwaNgcobo uhamba uziqhenya ngoba uyazi ukuthi owasebukhosini

  2. Awu awu bakithi wasisho wasisho, kwathi angikikize

  3. Kodwa ngempela maseziningi kangaka ziyadida ngidabukela abangagani

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026