• Mzingwe,
  • Nyawo ezimhlophe ezingemansense zobe zinamansense zobe zifuze ekhay’konina,
  • Mngongolozi,
  • Dunywa,
  • Lwandle kaluwelwa yithi kodwa zinkonjane zona ezindizela phezulu,
  • Wena owaphekwa netshe kwavuthwa itshe kuqala wasala wena,
  • Wena oka Data noKlamu, no Lula, ka Dozen.
  • Nqoko ka Gcaleka ka Phalo ka Tshiwo ka Tshawe ka Mnguni Mklenyane,
  • Msuthu!