izithakazelo

๐Ÿ’›

izithakazelo

Umlando wakwaNcobela Clan History

Umlando wakwa Ncobela:

Abantu bakwaNcobela bayinzalo kaMhlanga owake wazinza endaweni manje ebizwa ngokuthi iseSwazini.

UNcobela kaMhlanga wayishiya indawo eyayakhele izizwe zabaMbo-Nguni nabeSuthu ngesikhathi sokubusa kwamakhosi okuqala ayesuka enkabeni ye-Afrika alibangisa eMpumalanga neAfrika agcina edlulela eningizimu ye-Afrika, emakhulwini ambalwa eminyaka emuva kokuthi isizwe sabaThwa esasakhele kulondawo sisusiwe.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga babekhuluma ulimi lwesiTekela olubuye lwaziwe ngokuthi “ukutsefula”. Izizwe ezaziwa ngokutekela amaZelemu, amaPhuthi, amaHlubi namaSwati. Kuthe uma inzalo kaNcobela kaMhlanga sebebheke eningizimu ulimi lwesiTekela lwashabalala. Lokhu kwaba nomthelela indlela ababiza ngayo amagama okhokho babo nendlela abathakazela ngayo.

Kwathi uma kuqubuka izimpi zasendulo, bafudukela eLebombo, indawo esemngceleni wesizwe samaNdwandwe namaThonga.

eLebombo babeyisizwe esisodwa nesizwe samaZelemu, manje esibizwa ngokuthi โ€œAmaBhacaโ€. Isizwe samaZelemu, esasihlanganisa izizwe ezihlukahlukene ezazinobukhosi bazo, sabhekisa amabombo eningizimu. Ezinye izizwe ezazihlangene namaZelemu, zabhekisa amabombo enyakatho.

Njengamanje inzalo kaMhlanga itholakala kulezizwe: amaBhaca, amaHlubi, amaNdebele, amaSwati, amaZulu, amaTsonga, namaNgoni.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga manje baziwa ngokuthi “amaShawuza”.

AmaShawuza ohambweni lwawo namaZelemu agcina ewele uThukela azinza eningizimu yezwe laseMziwabantu naseMzimkhulu ngaphambi kokuthi adlulele kwezinye izindawo. Iningi labantu bakwaNcobela manje litholakala kulezizwe: amaBhaca, amaKhuze, iNhlangwini, amaHlubi, amaXesibe, namaMpondo.

Njengamanje amaShawuza atholakala kulezindawo: Mziwabantu, Mzumbe, Mzimkhulu, Mbizana, Flagstaff, MaXesibeni, Matatiele, Ixobho, Highflats, Bulwer & Richmond.

AmaShawuza atholakala eMbizana, eFlagstaff, naseMaXesibeni, aqale azinza eMahlangwini, eMziwabantu okungesinye sesizinda sabantu bakwaNcobela. Uma bethakazela noma ezithutha babalula ubudlelwano basendulo obuphakathi phakathi kukaNcobela kaMhlanga noLudonga kaMavuso.

Ulibo luka Ncobela luhamba kanje:

uNcobela uzalwa nguMhlanga,
uMhlanga uzalwa nguMpembe (uMpembe iNkosi eyazala izizwe eziningi esezinobukhosi bazo obuzimele futhi ziyaganiselana: Mzizi, Zibula, Sosiba(Ncobeni), Khuze, Khesa, Mtolo, Nzimakhwe, Nhlangwini, Mntungwa, Mthimkhulu, Dlamini, Mavuso, Ngwane, Jali… nezinye.),
iNkosi uMpembe ulibo lwakhe luhamba luze lufike ngqo kuNguni kaNtu.

AmaShawuza abenobudlelwane obuhle nesizwe sikaJali, kuthe lapho kuvuka izimpi zezigodi zaseningizimu, isizwe sikaJali sasiza inzalo kaQhaka noNogqozolo kaNcobela ngokubanika umhlaba.

Njengoba sichazile ulibo likaNcobela kaMhlanga luhamba luze lufike kuNguni. Ingakho ezinye izindlu zakwaNcobela zaziwa ngokuthi o โ€œNguni noma Mnguniโ€.

AmaShawuza azinze eMzimkhulu, eMatatiele, eXobho, eBulwer, nase eRichmond aphawula ngokuthi “sisebenzisa igama elithi “Nguni noma Mnguni” kusukela emandulo”. Babalula ukuthi “Thina singabantu bakwaNcobela siyaganisela nezinye izibongo zakwaMnguni, inqobo nje uma bengebona abakwaNcobela.”

Ngamafuphi, abantu bakaNcobela kaMhlanga (amaShawuza), abandawonye. Ngenkathi behla nezwe babehamba bengamaqembu-qembu.

AmaShawuza, ngokwendawo akhele kuzo, ayabhobha, akhulume, athethe isiNtu.

Izithakazelo zakwaNcobela

Ncobela! Shawuza! Shebelele!

Nguni!
Mnguni omhlophe, wen’othandabantu. Khanya! abakhany’ebumnyameni, makhanyehlungwini, thusi liyabenya, bahle nangaphansi konyawo, Nkala-nkala engaphansi kwetshe, abangahambi ngendlela, bahamba ngenhlanhlatho, Sococo!

Nkosi! awuthandi uthanda abanjani? Uthandomthandayo, sandlesishisayo.

Mhlanga! Nina bakwaMhlanga owuthi uwugawula uphinde uhlume,umagawulwahlume, Mhlakothi, umlimela omuhle ongadliwazele,
Nkom’ekhabako, ziningi zimathole zikhulel’emaduneni, amaland’amhlophe

S’goloza Ndlanz’emnyama njengeshongololo, gwayobabayo, shawuz’oshisayo, oshisamacala emuva nangaphambili.Shawuza kashayeki ushayeka ngamatshe eNyongwana, Mayiza Qobodwane, Somdibela, Mth’ongothiwa, wothiwa zinyoni zezulu kuphela, abeNguni abawela umlambo woThukela nenkomo tigidza-gidza, titshakadzula kwababata amaZizi kaNyembezi athi amaKhabalidzaka. Siqobodwana sakhel’ematsheni ngenxa yokudingindawo, imbuzi zimhlophe qhwa, sicabu-cabu esibomvu, khwehlela kome.

Nina baseCelebeni !!

Izithakazelo zakwaNcobela Clan Names

Sigamla clan praises & Origin

Sigamla is a surname that was newly established.It was a name of my great grand father. His father named him Sigamla and his surname was Dlamini, then Sigamla changed his name to a surname hence we have Sigamla as a surname.

Sigamla clan names goes like: Zizi, Jama kaSjadu, Cubungu, Lacha, Ngcungโ€™enoboya, Dlamini, Sandlulube, Nkosi !!

Sigamla clan names & Origin

Zizi, Jama kas’jadu, Nomani, stschetschengwane, Cubungu latsche, Ngcunge enoboya, Dlamini sandlulube nkosi!

Page 65 of 80765

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén