πŸ’›

izithakazelo

Umlando wakwaNcobela Clan History

Umlando wakwa Ncobela:

Abantu bakwaNcobela bayinzalo kaMhlanga owake wazinza endaweni manje ebizwa ngokuthi iseSwazini.

UNcobela kaMhlanga wayishiya indawo eyayakhele izizwe zabaMbo-Nguni nabeSuthu ngesikhathi sokubusa kwamakhosi okuqala ayesuka enkabeni ye-Afrika alibangisa eMpumalanga neAfrika agcina edlulela eningizimu ye-Afrika, emakhulwini ambalwa eminyaka emuva kokuthi isizwe sabaThwa esasakhele kulondawo sisusiwe.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga babekhuluma ulimi lwesiTekela olubuye lwaziwe ngokuthi “ukutsefula”. Izizwe ezaziwa ngokutekela amaZelemu, amaPhuthi, amaHlubi namaSwati. Kuthe uma inzalo kaNcobela kaMhlanga sebebheke eningizimu ulimi lwesiTekela lwashabalala. Lokhu kwaba nomthelela indlela ababiza ngayo amagama okhokho babo nendlela abathakazela ngayo.

Kwathi uma kuqubuka izimpi zasendulo, bafudukela eLebombo, indawo esemngceleni wesizwe samaNdwandwe namaThonga.

eLebombo babeyisizwe esisodwa nesizwe samaZelemu, manje esibizwa ngokuthi β€œAmaBhaca”. Isizwe samaZelemu, esasihlanganisa izizwe ezihlukahlukene ezazinobukhosi bazo, sabhekisa amabombo eningizimu. Ezinye izizwe ezazihlangene namaZelemu, zabhekisa amabombo enyakatho.

Njengamanje inzalo kaMhlanga itholakala kulezizwe: amaBhaca, amaHlubi, amaNdebele, amaSwati, amaZulu, amaTsonga, namaNgoni.

Abantu bakaNcobela kaMhlanga manje baziwa ngokuthi “amaShawuza”.

AmaShawuza ohambweni lwawo namaZelemu agcina ewele uThukela azinza eningizimu yezwe laseMziwabantu naseMzimkhulu ngaphambi kokuthi adlulele kwezinye izindawo. Iningi labantu bakwaNcobela manje litholakala kulezizwe: amaBhaca, amaKhuze, iNhlangwini, amaHlubi, amaXesibe, namaMpondo.

Njengamanje amaShawuza atholakala kulezindawo: Mziwabantu, Mzumbe, Mzimkhulu, Mbizana, Flagstaff, MaXesibeni, Matatiele, Ixobho, Highflats, Bulwer & Richmond.

AmaShawuza atholakala eMbizana, eFlagstaff, naseMaXesibeni, aqale azinza eMahlangwini, eMziwabantu okungesinye sesizinda sabantu bakwaNcobela. Uma bethakazela noma ezithutha babalula ubudlelwano basendulo obuphakathi phakathi kukaNcobela kaMhlanga noLudonga kaMavuso.

Ulibo luka Ncobela luhamba kanje:

uNcobela uzalwa nguMhlanga,
uMhlanga uzalwa nguMpembe (uMpembe iNkosi eyazala izizwe eziningi esezinobukhosi bazo obuzimele futhi ziyaganiselana: Mzizi, Zibula, Sosiba(Ncobeni), Khuze, Khesa, Mtolo, Nzimakhwe, Nhlangwini, Mntungwa, Mthimkhulu, Dlamini, Mavuso, Ngwane, Jali… nezinye.),
iNkosi uMpembe ulibo lwakhe luhamba luze lufike ngqo kuNguni kaNtu.

AmaShawuza abenobudlelwane obuhle nesizwe sikaJali, kuthe lapho kuvuka izimpi zezigodi zaseningizimu, isizwe sikaJali sasiza inzalo kaQhaka noNogqozolo kaNcobela ngokubanika umhlaba.

Njengoba sichazile ulibo likaNcobela kaMhlanga luhamba luze lufike kuNguni. Ingakho ezinye izindlu zakwaNcobela zaziwa ngokuthi o β€œNguni noma Mnguni”.

AmaShawuza azinze eMzimkhulu, eMatatiele, eXobho, eBulwer, nase eRichmond aphawula ngokuthi “sisebenzisa igama elithi “Nguni noma Mnguni” kusukela emandulo”. Babalula ukuthi “Thina singabantu bakwaNcobela siyaganisela nezinye izibongo zakwaMnguni, inqobo nje uma bengebona abakwaNcobela.”

Ngamafuphi, abantu bakaNcobela kaMhlanga (amaShawuza), abandawonye. Ngenkathi behla nezwe babehamba bengamaqembu-qembu.

AmaShawuza, ngokwendawo akhele kuzo, ayabhobha, akhulume, athethe isiNtu.

Izithakazelo zakwaNcobela

Ncobela! Shawuza! Shebelele!

Nguni!
Mnguni omhlophe, wen’othandabantu. Khanya! abakhany’ebumnyameni, makhanyehlungwini, thusi liyabenya, bahle nangaphansi konyawo, Nkala-nkala engaphansi kwetshe, abangahambi ngendlela, bahamba ngenhlanhlatho, Sococo!

Nkosi! awuthandi uthanda abanjani? Uthandomthandayo, sandlesishisayo.

Mhlanga! Nina bakwaMhlanga owuthi uwugawula uphinde uhlume,umagawulwahlume, Mhlakothi, umlimela omuhle ongadliwazele,
Nkom’ekhabako, ziningi zimathole zikhulel’emaduneni, amaland’amhlophe

S’goloza Ndlanz’emnyama njengeshongololo, gwayobabayo, shawuz’oshisayo, oshisamacala emuva nangaphambili.Shawuza kashayeki ushayeka ngamatshe eNyongwana, Mayiza Qobodwane, Somdibela, Mth’ongothiwa, wothiwa zinyoni zezulu kuphela, abeNguni abawela umlambo woThukela nenkomo tigidza-gidza, titshakadzula kwababata amaZizi kaNyembezi athi amaKhabalidzaka. Siqobodwana sakhel’ematsheni ngenxa yokudingindawo, imbuzi zimhlophe qhwa, sicabu-cabu esibomvu, khwehlela kome.

Nina baseCelebeni !!

Previous

Izithakazelo zakwaNcobela Clan Names

Next

Cindi clan names are as follows

1 Comment

  1. Sibindi ka Gobodwana

    Inzalo ka Mhlanga isabumbene yayibizwa ngokuthi abeNguni baseMbo ngaphambi kokuthi ibizwe ngokuthi amaMpembe (abakaLanga) kungekabikho igama elithi amaSwati, amaHlubi, amaNdebele, amaBhaca, amaZulu noma amaMfengu. Ngesikhathi seMfecane, iningi lenzalo yakhe yabuthwa namaNdwandwe, amaNgelengele, namaZelemu.

    Nansi inzalo yama 1600 to 1800 kaMthi ongothiwa (Mth’ongothiwa) kaSomdibela kaGobodwana (uqobodwane) kaNcobela kaMhlanga kaMpembe kaNguni.

    Fakathi
    Gagayi
    Gizani
    Jubaphezulu
    Khamba
    Kofana
    Layitha
    Macwaningana
    Magongwane
    Magwayi
    Majoloza
    Majwili
    Malijojwana
    Maphatheni
    Masundwane
    Matotololo
    Mbangwa
    Mbongolwana
    Mbuyelwa
    Mbuzi
    Mcaba
    Mfenzo
    Mfungelwa
    Miniyakhe
    Mkhandaniso
    Mlaka
    Mndindwa
    Mnyayi
    Mphenya
    Mqaleni
    Msuthu
    Mthiba
    Myekeni
    Ndende
    Ngilambile
    Ngcaba
    Ngxanga
    Nkohla
    Nodipha
    Nongqozolo
    Qhaka
    Sikhunyana
    Sithukuza
    Sincithi
    Vethe
    Vundisa
    Zenzile…… nabanye

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén