Sibambo
Masinaga
Bhaka hhofu
Mabanda ngesika kuNkindwane
Umoni wendlela ngonyawo
Malandela
Mkhombi wendlela
Wena okwaphambana izindlela kwangaphambana ikhanda
Wena owabulawa ngekhofi
Abafokazane bekufela umona
Ngenxa yezibusiso

USibambo lona wayenguMasinga ngokuzalwa. Babezelwe bebabili bengamadodana eNkosi uMabhudu Masinga, okwathi ngonyaka okwafika ngawo amaPortuguese, efika ngemikhumbi ezweni lakhe afika amthungatha, ehamba ebuza, kwaze kwafika ezindlebeni zakhe, wasekhetha ukufihla amadodana akhe kwezizwe ezakhelene naye. Eyodwa yawelela empumalanga kolwandle yayocasha ezweni likaTembe, enye eningizimu yolwandle. UMasinga owayecashe ezweni lakoTembe waselethwa isibongo esisha uSibambo kuyisibongo sokucashela amaPortuguese.


More information is available on our YouTube channel