clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: amabutho

Amabutho esilo Shaka kaSenzangakhona

Izihlabani zeSilo uShaka

Lawa amaqhawe ayehlabana ngemphela ezimpini zalo iLembe. Yiwo enza kufezeke iphupho lesilo uShaka lokubumba nonke abeNguni ababephakathi komfula uPhongolo noMzimvubu ukuba bakhonze ngaphansi kombuso wakhe.

Kuqala ngoShaka emakhosini akwaZulu ukuthi kube neNgonyama/isilo. Kanti ubuNgonyama baqalwa uNgwane 3 kaSidwabasiluthuli/Landzandzalukane/Dlamini 3 waseSwazini, owayebusa ngezikhathi zoLanga kaXaba wamaNdwandwe, kwaZulu kwakubusa uJama kaNdaba, kwaMthethwa kwakubusa uJobe ka Khayi.

Nawa ke lamaqhawe eLembe:

-uMgobhozi “ovelentabeni’ Msane

-uMdlaka kaNcidi Ntshangase

-uNqoboka wakwaSokhulu

-uNtshiphi kaShangane Mthethwa

-uNdlela kaSompisi Ntuli

-uNzobo kaSobandli Ntombela

-uManyosi kaDlekezela Mbatha

-uMaphitha kaSojiyisa Zulu

-uMenziwa kaXhoko Biyela

-uMbopha kaSithayi Ntshangase

-uHlathi kaNcidi Ntshangase

-uMzilikazi kaMashobane Khumalo

-uMagidi kaMenziwa Biyela

-uMvudlana kaMenziwa Biyela

-uNgubhane kaNgomane Mdletshe

-uMapholoba kaNgomane

-uManqondo wakwaMagwaza

-uKlwana kaKhoboyela Buthelezi

-uJeqe kaSilwane Buthelezi

-uNdosi kaNondumo Nzuza

Haaaaa ngingawabala ngifikephi, nawe usungaqhubeka uwabale nawe.

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane kwakulwa uZulu namaNgisi. Isilo esasibusa kwabe kunguCetshwayo,uJininindi omnyama uzitho simagwegwe kubakayise, ubhulumlilo eNdulinde!

Amaqhawe ayekhona:

Mkhosana kaMvundlane Biyela

Ntshingwayo kaMahole Khona

Godide kaNdlela Ntuli

Sihayo wakwa Ngabese

Zibhebhu kaMaphitha Zulu

Mehlokazulu kaSihayo

Mkhumbikazulu kaSihayo

Mbopha kaWolizibi Hlabisa

Hayiyane kaMaphitha Zulu

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: