πŸ’›

izithakazelo

Tag: digby Page 6 of 7

Umlando wakwa Khuzwayo 😍 Ubukhosi bakwaKhuzwayo

Khuzwayo origin 😍 Khuzwayo surname

Nakhu engikwaziyo ngomlando nobukhosi bakwaKhuzwayo engingenaso isiqiniseko kangako ukuthi:

ymfana wakwaGumede ogama lakhe nguNyongwana wathandana nentombi yasebukhosini bakwaQwabe uNombedu eMthandeni, wabe esekhuzwa ngalesisenzo ngoba isibongo sakwaGumede siphuma kwesakwaQwabe ngakho-ke bayizihlobo.

Abafowabo ababengazi ngalesisenzo bakhuza emva kwendaba, kanti umonakalo sewenzekile, usekhulelwe uNombedu.

Sagcina sibikiwe isisu kwaGumede ukulandela isiko lesintu, izindaba zithe uma zifika enkosini yakwaQwabe mayelana nokukhuleliswa kwendondakazi yayo ikhuleliswa kwaGumede azangehla kahle, yabiza umhlangano wamaQwabe wonkana kukhona nabakwaGumede.

Kwakulusiko kwaZulu ukuthi intombazane mayisikhulelwe kufanele umfana ayithathe ibe ngumkakhe, inkosi yanquma ukuqeda ubuhlobo phakathi kwabakwaQwabe nabakwaGumede, abakwaGumede bayiphikisa inkosi bathi umfana akathunywanga yibo, futhi bona bamkhuza ngalesisenzo kodwa akangalalela.

AbakwaGumede banquma ukuzehlukanisa nalomfana, bamkhipha emndenini wabo, basebethi usenguKhuzwayo ngoba wakhuzwa, akakhe owakhe umndeni wakwaKhuzwayo.

Inkosi yakwaQwabe yabona usizi indodakazi yayo ezobhekana nalo, ishada nomuntu ongenamndeni, yasika ingxenye yendawo,yakaQwabe, yayinika indodakazi yayo uNombedu, wabe esegana yena uKhuzwayo, uNombedu waba yinkosi yokuqala yamaMbedu, kwaKhuzwayo. Ngicela ukulungiswa uma kukhona iphutha kulomlando.

Popular people from Khuzwayo last name

Zakhe Khuzwayo (Finance/Technology)
Chartered accountant and co-founder of InnoVent, an IT leasing company started in 2003. Serves as Chief Operating Officer. The business grew to annual revenue of R200m with 200 employees across South Africa, Zimbabwe, Zambia, Tanzania and the UK. [citation:1]

Umlando wakwaQwabe 😍 Imvelaphi yabakwaQwabe

Imvelaphi yabakwaQwabe 😍 Qwabe surname origin

Okokuqala okumele sikulungise wukuthi uQwabe akaze aphume kwaMnguni.Kukhona emlandweni oQwabe ababili, owokuqala kanye nowesibili. Ngokunjalo naboGumede babili. Ngicabanga-ke ukuthi we a ubuza ngoQwabe wesibili ozalwa nguMalandela kaLuzumane kaMnguni. Njengamanjena buhlukene ka-5 ukukhosi bakwaQwabe; abaseMthandeni, abase-Waterfall, abaseNkanini, uQwabe-P noQwabe-N(labs ababili batholakala ogwini lweKZN).

Amanye amaQwabe afudukela ogwini oluseningizima ngabakwaMakhanya. AbakwaMakhanya babehambisana namanye amaQwabe kuyiqembu elilodwa beta emcimbini omkhulu wesizwe. Uma sebrfike oThukela, lwangenisa abanye nasals ngaphesheya, bahlukana kanjaloke. Ekunqotshweni kukaPhakathwayo nguShaka, kwaba nombango esizweni phakathi kwendodana kaPhakathwayo kanyr naboyise abancane.

Ekugcineni uShaka wabeka uNqetho kaKhondlo, owabe engumnaka Phakathwayo kodwa ezalwa endlini encane. Lutheran ekukhathameni kukaShaka, uNqetho wanqaba ukukhonza kuDingane. Wafuduka njalo elibangise eMampondweni. UDingane wamlandela ngempi eyahlangana amahlandla amathathu, kuwona wonke uDingane ubeshaywa abhulelwe amahlahla.

Enye impi abatholane kuyo kwanzima, bekukwaNgcolosi ngakwaNyuswa. Nakalokhu kunendawo lapho okuthiwa kukwaNqetho eqanjwe ngalo igama laleqhawe. Umlando made mfethu, kodwa ngizoma lapho ngoba ngiyethemba ukuthi kukhona osukucoshile. Uhambo lukaNqetho nalo lwalunezigigaba eziningi esobuye sikhuluma ngazo.

UQwabe-N engiphuma kuye mina, bayinzalo kaMteli kaPhakathwayo. UMtheli uzale uNgcukuca hyena ozale uNdunge. UNdunge uzale Stephen noShiyane. UShiyane wazala uNhlanhleni(Fortunatus). UNhlenhleni uzale ubaba ongizalayo. Uma kuba esidingo siyokwenaba ngemvelaphi yazozonke lezindlu zamaQwabe engizibalile, kuhlanganisa nabakwaMakhanya.

πŸ“œ Popular people from Qwabe last name

  • Ntokozo Qwabe

    Ntokozo Qwabe (Legal)
    Lawyer and Rhodes Scholar, co-founder of Rhodes Must Fall movement at Oxford.
  • Mzonjani Michael Qwabe

    Mzonjani Michael Qwabe (Historical)
    Name recorded in the Truth and Reconciliation Commission (TRC) archives.

Popular people from Qwabe last name

  • Ntokozo Qwabe (Legal) – South African lawyer and Rhodes Scholar. Co-founder of the Rhodes Must Fall movement at Oxford University. Holds degrees from UKZN, UCT, and Oxford. [Source: Wikipedia]
  • Felokwakhe Qwabe (Community) – Father of Ntokozo Qwabe, a school caretaker from Oyaya, Eshowe in KwaZulu-Natal who raised 13 children, with Ntokozo being the first to attend university. [Source: Wikipedia]

Royalty from Qwabe last name

Qwabe kaMalandela (1575 – Royal Founder)
Founder of the Qwabe Kingdom and eldest son of Malandela (the common ancestor of the Qwabe, Makhanya, and Zulu clans) and his wife Nozidiya of the Zungu clan. His name means “a large musical bow.” Following his father’s death, Qwabe became king and built a new homestead called eMthandeni beneath the Ngoye hills, which served as the center of his kingdom. He left his younger brother Zulu to rule over a few people who remained at their father’s estate [citation:3].
Qwabe Kingdom (Senior Royal House)
The amaQwabe are the senior and larger clan of the Makhanya and the Zulu clans, all descending from Malandela. The kingdom thrived in the 18th century as “one of the most ancient and famous tribes in Natal and Zululand.” At its peak, the amaQwabe occupied central KwaZulu-Natal, from beneath the Amandawe and Ngoye Hills, south of the Mhlathuze River, up to the Nkandla forest, and between the Mhlathuze and Tugela Rivers [citation:3].
King Phakatwayo kaKhondlo (Pre-Shaka Era)
Powerful king of the Qwabe who ruled before the Shaka era. Under his leadership, the Qwabe kingdom had already expanded control over parts of Natal south of the Thukela River. His kingdom was characterized by seven large villages, each headed by an important member from the ruling lineage. He had the authority to form women regiments (isigodlo), a privilege only given to senior powerful kings such as Dingiswayo of the Mthethwa and Zwide of the Ndwandwe [citation:3].
Makhosini Wellington Qwabe (Current Head)
Current head of the Qwabe Royal House, representing the continuation of the senior branch of the House of Malandela. The Qwabe royal lineage remains an important traditional institution in KwaZulu-Natal [citation:3].

Royalty from Qwabe last name

Qwabe kaMalandela (Royal Founder)
Founder of the Qwabe Kingdom and eldest son of Malandela, the common ancestor of the Qwabe, Makhanya, and Zulu clans. Following his father’s death, Qwabe became king and built a new homestead called eMthandeni beneath the Ngoye hills, which served as the center of his kingdom. He left his younger brother Zulu to rule over a few people who remained at their father’s estate.
Qwabe Kingdom (Senior Royal House)
The amaQwabe are the senior and larger clan of the Makhanya and the Zulu clans, all descending from Malandela. The kingdom thrived in the 18th century as one of the most ancient and famous tribes in Natal and Zululand. At its peak, the amaQwabe occupied central KwaZulu-Natal, from beneath the Amandawe and Ngoye Hills, south of the Mhlathuze River, up to the Nkandla forest, and between the Mhlathuze and Tugela Rivers.
King Phakatwayo kaKhondlo (Pre-Shaka Era)
Powerful king of the Qwabe who ruled before the Shaka era. Under his leadership, the Qwabe kingdom had already expanded control over parts of Natal south of the Thukela River. His kingdom was characterized by seven large villages, each headed by an important member from the ruling lineage. He had the authority to form women regiments, a privilege only given to senior powerful kings such as Dingiswayo of the Mthethwa and Zwide of the Ndwandwe.
Makhosini Wellington Qwabe (Current Head)
Current head of the Qwabe Royal House, representing the continuation of the senior branch of the House of Malandela. The Qwabe royal lineage remains an important traditional institution in KwaZulu-Natal.

Imvelaphi Yakwa Hlatshwayo

Imvelaphi yakwa Hlwatshwayo

IMVELAPHI YEGAMA ELITHI HLATSHWAYO
-uHlatshwayo wayengo wakwa Nkosi ebukhosini baseSwazini. Kwenzeka ukuthi omunye wabantwana basendlunkulu walala nodadewabo owayezalwa naye kunina.

Wayesethi ke yena umndeni wakubo umhlabile ngoba umfowabo ulale nodadewabo ngakho usezibiza ngokuthi unguHlatshwayo.

Isizwe saqanjwa nguye uHlatshwayo njengoba esephuma emndenini wakhe kwaNkosi ngoba ehlatshiwe eqa imingcele yaseSwazini afike akanise phezu koPhongolo kanye nabafowabo. Kuyilapho esezozala uNgwanya.

(Another version)

UHlatshwayo uyena owenza isenzo esamenza wadatshulwa, waxoshwa negama lakhe lakhishwa olibeni (lineage) lomndenini wakwaNkosi. Wabaleka wabe eshintsha igama lakhe waba uHlatshwayo.

(Another version)
UHlatshwayo noNgwane bazalwa inkosi uLanga. UHlatshwayo owayeyizibulo wayengeke abe yinkosi ngokomthetho wamaSwazi ngakho wasuswa eduze kwenkosana wabekwa eLucolweni abanye bathi eNgongweni. Lokhu kwenzelwa ukuthi angabangisi uNgwane.

Igama likababa kaHlatshwayo alitholakali ngokugcwele, abanye bathi uDlamini (don’t knw which one as there are 3), abanye bathi uLanga kaNkosi II.

Popular people from Hlatshwayo last name

David Abel Hlatshwayo (Finance/Transport)
Chief Executive Officer at Unifreight Swift Ltd since 1983. Previously served as Executive Director & Group Finance Director at Unifreight Africa Ltd (2011-2012). Extensive experience in freight transportation and logistics management. [citation:5]

Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo 
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Page 6 of 7

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén