izithakazelo

Tag: digby

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Sibheka imvelaphi yakwa Ndlovu (oGatsheni)

oNdlovu bangabeSuthu badabuka eLesotho .
Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza
esizweni sabantu bakwaNxamalala. Laba bantu
bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane
wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu
ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka
ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi
Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba
bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla,
babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu
bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo
wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi
kwaseQhudeni eNkandla.

Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye
yabazukulu bakaGatsheni uMpongo
kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa
wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane
nokhozi .

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza
kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka
lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi yakwaZulu uMbomboshe omnyama wahlasela uZihlandlo
wambulala.

Source: isintu sami – facebook page

Indabuko yakwa mngomezulu – Imvelaphi yakwa mngomezulu

Izithakazelo zakwaMngomezulu

Dlakadla,
Mdluli,
Msuthu,
Lukhele,
Wena wasenhla
Masok’ anqunu ngemizimba yawo,
Makhub’ aluthuli ngokukhubana wodwa ezinyaweni,
Maphakel’ indoda edlengelweni
Wen’ udlele entanyeni.
Mbokodo!
Nina bakaSobhuza
Izingonyam’ ezidl ’ ekhaya,
Ngokweswel’ umalusi.
Nin’ enanqamul’ amaBhunu namaNgisi
Mhlanti wendl’ enkulu
Sicikwazane senkosazane
Makhunga!
Skhangisa!
Lukhele, qhaw’ elinjonjo.

Indabuko yakwa mngomezulu

Imvelaphi yabo

Ziningana izibongo noma abantu bezibongo abanemvelaphi efana neyakwaMngomezulu onsila yabo idabuka ebaSuthwini. Indawo eyaziwa ngokuthi kuseMadzimba iyona abafikela kuyona eseSwazini. Ngenxa yezimpi nokugwema izimpi ngalezo zikhathi, iziqhwaga ezifana noSomhlolo zafika zazinda khona lapho oMngomezulu akhe khona, wabona ukuthi akaqhubekele phambili. Wathutha waya kokwakha eMabantaneni. UDlakadla kaMalinga owayengumholi wabantu bakwaMngomezulu. Kuso lesosikhathi amaSwazi kaSomhlolo axabana wodwa ngenxa yobukhosi obabubangwa.

Ukukhothama kukaDlakadla, base bebeka uZondiwe esihlalweni sobukhosi yena owayemdala kunoMsunduka kuDlakadla. UMsunduka wangena enye inkosikazi kamfowabo uZondiwe ngenxa yokungabi nabo abantwana ngesikhathi esebusa. Kwathi ngelinye ilanga uMsunduka ephuma elawini lankosikazi kaZondiwe, wakubona lokhu uZondiwe kodwa wase embiza umfowabo wakhuluma naye ukuthi uyayazi inkinga anayo nokuthi angabaleki uzomzalela inkosi eyobusa isizwe kanye naye uMsunduka. Inkosikazi eyazithwala kwakunguKaMafuleka owazala uLubelo.

Sahamba isikhathi uZondiwe wagula kwathi uma sebeseMabantaneni, kulapho kwamenela khona, wase ekhothama. Lapho uLubelo wase ethatha ubukhosi wagcotshwa njengenkosi. Akathathanga sikhathi ke lapho esephethe uLubelo ebona isizwe namabutho eSilo senkosi uShaka ehlasela izizwe ezazikhona nezazakhelene naye. Ukugwema ukuchitheka kwegazi, wavele wathatha izinkomo uLubelo wayokhonza kuShaka wathi uma ehlasela amlekelele. Kulesisikhathi wase uLubelo akha umuzi wakhe eNkungwini.

Ukuzalana KoMngomezulu
UMngomezulu wazala uMdluli noMafu. UMdluli wazala uMsuthu, yena wazala uLudonga owazala uNgwane yena wazala uMalinga, uMalinga wazala uDlakadla. UDlakadla wazala uZondiwe, Msunduka (waseMnambithi) noMbangamuni (wakaHlabisa). UZondiwe wazala uLubelo yena wazala uMbikiza wazala uZombizwe, uBhungane noMbalekelwa. UZombizwe wazala uKhathwayo ozale inkosi uMndeni osakhona. UMsunduka wazala uMdludlu yena wazala uMboni wazala uNyambane wazala uMahembe.

Imvelaphi yabantu bakwa-Ndlovu

Umlando wabantu bakwa-Ndlovu 

Ukufika kwabantu bakwa Ndlovu, bafika ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka. Umlando usitshela ukuthi iNkosi uShaka yayihamba ihlasela izizwe ngezizwe azinqobe bese eyazihlanganisa zibe isizwe esisodwa. Umlando uthi-ke wehluleka ukuhlanganisa amaZulu nabeSuthu. 

Wayeshaywa into eyodwa njalo uma efika entabeni kwakunenkungu, wabe eseqoqa amabutho akhe wabanikeza umyalelo wokuthi uma ngase bathole noma oyedwa wabeSuthu abombamba bangambulali bese bemletha kuye khona ezoke bambuze ukuthi iphi inyanga yabeSuthu. 

Uma kwenzeka amabutho ethola inyanga uqobo lwayo ukhokhovula bangalinge bambulale, nangempela bamthola bandla umSuthu bathi ukumjezisa kancane waze wayoyikhomba inyanga yabeSuthu lapho yayicasha khona, bayithola emgedeni ihleli babuya nayo-ke lenyanga. Igama laloKhokhovula kwakunguTLOU phecelezi Ndlovu ngesiZulu, lo owayedidiyela amakhubalo anzima abeSuthu. Amabutho kaShaka ayengababoni nhlobo abeSuthu uma sebesokhalweni impi isiphisele, kodwa abeSuthu babebabona bavele bame phezulu entabeni bagingqe amatshe afe amabutho kaShaka. 

Umlando uthi iNkosi uShaka wamthatha uNdlovu waya naye esigodlweni sakhe , wabe esethi akakhiphe lomuthi wenkungu, nempela wamnika uNdlovu umuthi wezinkungu. Kwahamba isikhathi uShaka wamuzamela intombi ngoba wayesefa uNdlovu umuzwangedwa, kuthiwa-ke wamnikeza intombi eyayisikhulile. Umlando uthi lentombi yayisikhulile ngethambo impela, futhi kukholakala ukuthi yayingakaze imthole umuntu wesilisa , kwakusoleka nokuthi ikhubazekile kancane. Intombi yahlala-ke noNdlovu yaze yakhulelwa bathola ingane yomfana.ahamba amabutho eseyobikela iNkosi uShaka ukuthi uNdlovu usethole ingane. Inkosi yafike yathi, “ Ninamanga uthol’dala kukhona lapho lingakhipha khona?” yamangala iNkosi ukuthi kukhona uthi olungaphuma la kulento esindala kanje. Igama lalengane kwagcinwa isiqanjwa ngayo igama elithi uThol’dala. Umlando uthi uThol’dala wakhulela endaweni yase Malimede (Melmoth) ngaphansi kweNkosana yakwa Biyela, uMkhosana Biyela. Bakha lapho kuze kube imanje basatholakala abantu bakwa Ndlovu. Abanye oNdlovu bafudukela kwezinye izindawo zakwaZulu, abanye baze bafika bakha eThaleni eNkandla. Abafika eNkandla bafika sebeholwa iNkosi uMpongo kaZingelwayo. 

Kuthiwa isizwe sakwaNdlovu kwakuyisizwe sasingezwani nomsindo kanyye nezimpi. Bafika bakhelana ngokuthula nezinye izizwe ezazakhe khona eNkandla. abakwaNdlovu baqala bakhelana nesizwe sasemaChunwini khona eThaleni. Ngalenkathi uShaka eshakazisa izizwe ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa , ngaleyonkathi uMpongo Kanye nabanye bakwaNdlovu babekhonza iLembe. INkosi uMacingwane kaJama wasemaChunwini Kanye neNkosi uNgoza Mthembu benqaba ngoba bethi ngeke bakhonze umfana bona ngoba bawontanga benkosi uSenzangakhona uyise weNkosi uShaka. 

Ukukhonza kwabakwaNdlovu bekhonza iSilo uShaka kwabangela amazinyo abushelelezi esizweni samaChunu. iNkosi uMacingwane yayithi uma ihlangene nesizwe sayo isitshele ukuthi iNkosi uMpongo kaZingelwayo iyathakatha. Okuthe langalimbe iNkosi uMacingwane wakhipha inqina wathi maliyozingela ingwe, leyo ngwe ibanjwe ngamabutho eNkosi bese eyayibhila ngemithi enzima bese eyayithumela ingwe iyobulala iNkosi uMpongo eyamfica elele, kwaba ukuduka kwakhe uMpongo. Ukubulawa kweNkosi uMpongo kanje kwasithukuthelisa kakhulu iSilo uShaka besemzingela sifuna ukumbulala. 

Ngemuva kokubulawa kweNkosi uMpongo, isizwe sakwa Ndlovu safuduka sayokwakha ngasemfuleni iNsuze, ngaphansi kwentaba yaseQhudeni.kunendawo lapho esafike sakhelana nesizwe saseMbo. (Mkhize) uzalo lukaMavovo. Ngaleso sikhathi abaseMbo babeholwa uZihlandlo kaGcwabe Mkhize Babehleli kahle, ukwakhelana kwabo kwakukuhle kakhulu, babelima, kusiselwana nangemfuyo. 

Lezizwe bezikhonzene kakhulu. Ukuzwana kwalezizwe kwathukuthelisa inkosi uDingane wabonakala eseyingozi kakhulu uZihlandlo kaGcwabe uMacingwana. uMacingwana wabe esehlasela isizwe saseMbo, sabe sesifuduka nabanye oNdlovu baya eNhlazuka (Richmond) eduze nomfula iLLovo. 

Isizwe sakwaNdlovu sase siholwa uNogwijela? Ngema? Kwathi ukufika eNhlazuka , uNogwijela waphinda wasuka waya kwaNogqaza, eMngeni (Howick). uMpongo ngenxa yamandla akhe, nobuchule, nobuhlakanipha, wabe ebizwa ngo “Mandle’zizwe” bathi unguboya benyathi, buyasonga bube busombuluka.

Page 7 of 7

© 2026