Isilo siyawafinyeza amazipho/izindlandla Umuntu onamandla/ohlakaniphile ngeke umthole ehamba ezikhukhumeza ngalawo mandla nenhlakanipho yakhe.
Inkosi Shaka ka Senzangakhona
Inkosi uShaka ka Senzangakhona Zulu kwabe kuyinkosi ephiwe amandla okuzisa uzinzo empilweni yabantu base Afrika. Kunomlando obhaliwe ngabaMhlophe ukuthi kwakufanele igama lenkosi uShaka lingcoliswe ukuze bazokwazi ukuzithathela izwe lethu ngoba belibona linomnotho futhi livundile. Bazimisela ukuthi bamubonise njengenkosi enonya olwesabekayo okwabe kungelona iqiniso, ukuze bakwazi ukucekela phansi umbuso wakwa Zulu.