Mtshali Clan Names
Magalela!
Hlabangane elimhlophe okwezihlabathi zolwandle
Magalela gase njengengonyama
Mantshinga ozilwane zimbili, ingwe nengonyama
Khondlo!
Tag: Khondlo Page 1 of 2
Get yours! Price: R300 each ……Whatsapp me now, tap here https://wa.me/message/Z7SY62F3M4F6N1
Izithakazelo zakwa-Khuzwayo
Gumede,
Qwabe,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo,
OSidlabehlezi bakaPhakathwayo
Abathi bedla, bebebeyenga umuntu ngendaba,
Bethi, “Dluyeya ngenhlana, umalokazana ubeyethe, kayikhuni sidingida yoyodaba!”
Kanti bahlinz’imbuzi,
Malandela, ngokulandelβ izinkomo zamadoda,
Phakathwayo!
Izithakazelo zakwa Mtshali
Hlabangan’elimhlophe okwezihlabathi zolwandle,
Wena owangena nesikhuni emanzini sivutha waphuma sivutha futhi.
Magalel’agase njengengonyama,
Matshing’angacoshi kucosh’abafokazane,
Khondlo!
Izithakazelo zakwaMakhanya
Gumede,
Wena kaMalandela kaluzumana,
Phakathwayo kaKhondlo kaMncinci,
Osidlabehlezi kaPhakathwayo
Abathi bedlumuntu bemyenga ngendaba,
Bethi dluya kubeyethwe umakoti ubeyethe kabukhuni,
Wena owabuza intaba ngabomu wathi ntabani leya?
Zaphendula icathalala zathi “uNgoye Gumede,uNgoye Phakathwayo”,
Wena waseMthandeni ezweni loju nezinyosi,
Mpangazitha ozikhangayo,
Mnguni kaYeyeye,
Khondlo, Khuzwayo,
Wena kaNjakaba kaSophana,
Meseni kaMusi ,
Mkhayiphe kaGodolozi!
Izithakazelo zakwa-Mazibuko
Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!
Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mazibuko!
Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!
Get yours! Price: R300 each ……Whatsapp me now, tap here https://wa.me/message/Z7SY62F3M4F6N1
Price: R200.00
Izithakazelo zakwa Ndebele
Ndebele
Mahaye kaMvanande
Othethela uMantshinga noNtsele
Mwelase!
Abangaweli ngazibuko,
Abawela ngezinsungulu.
Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela,
Wena wakwa funisa umuntu inkonzo.
Wena kaMagwaza engugwini,
Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi!
Nina abakwaDindela,
Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni.
Amashayela phezulu ngokumbindlu.
Amabethela isigogo.
MaBhele balekani imilenze ibomvu.
Ndaba!
Nina abakwaBhensa,
Nina abakwaMahaye,
Niba bakaMakhaphazela,
UNtunyelelwa wayeyisifamona.
Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele.
UMekeza KaMshido.
AbakwaNdaba ngokugoba amadolo.
Imididwa edidwa ngamabala.