πŸ’›

izithakazelo

Tag: leeuven Page 2 of 7

Izithakazelo zakwa Ngubeni clan names

Ngubeni, Nkomo, Yengwayo, Magwaza gobode, Nina base Mhlangamvula bathi uyadilika kanti uyakha, Nina base Msobetsheni, Mazotha, Luvuno!

Nkanini clan names & History

Nkanini,
Luvuno,
Wena owavuna ummbila
ekhabeni abanye bevuna amabele,
Zikode,
ntshosho,
Khanyile,
Ngwane,
Mangethe!

IZITHAKAZELO ZAKWA-NGUBENI

Ngubeni, Nkomo, Mtungwa, Mazotho, Mpindeni, Luvuno, Khethokhulu,

(1)MANTUGWA NIBAHLE NGOKUTHWALA UMSINGIZANE NGABE OWETHUSI NGABE NIYAWUDABULA
(2)INDLONDLO EYADLA UBULONGWE YALIBALA,
(3)INTOTHOVIYANE EYENZA UBUQILI YATHI IBELETHE UMFAZI KANTI IBELETHE INDODA
(4) AMAYENGAYENGANE KANDABA, AYENGA UMUNTU AMUDLA NGENDABA
(5) AYENGA USIBHEBHU NOMAPHITHA KAZULU BEHLEZI ENQOTSHANE(Inqotshane kwakuyintaba base bakha ilokishi khona belu ePiet retief saneiI
NB: ABAKWA NGUBENI NGOBUNINGI BABO BADABUKA ENQUTHU BAYE BAFIKA E-PIET RETIEF, NEWCASTLE
BEHLELA NAKWEZINYE IZINDAWO NJENGASE DENNILTON KANTI ABANYE ONGUBENI BAZIBIZA NGUBENI,
NKOMO, YEYESA !!

Makhaza Clan Praises

Makhaza
Luvuno
Sokhela esimhlophe esithe qwa !
Mvundlane owavundl’ezimambeni
umafuy’ezifile ngob’eziphilayo ziyamnukela Β !

Page 2 of 7

Β© 2026