clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Tag: lobola Page 1 of 2

Lobola Process

Ake sithathe ukubheka inqubo yokulobola.

Lobolo negotiations

Izinkomo zamalobolo

Ingxoxo ngelobolo – imibuzo nezimpendulo

Inkomo yomncamo

Inkomo yomncamo – lenkomo kamakoti ayihlaba ekhaya evalelisa ezintombini zangakubo.

Isiqondo 😍 inkomo

Isiqondo – lenkomo inikezwa umakoti mhla ephuma ekhaya eya emzini bethi ngayo ekhaya lakhe adle asuthe angalambi.

Isiwunkulu 😍 inkomo

Isiwunkulu – lenkomo eyohlatshwa emshadweni ihlatshelwe abesifazane.

Inhlabisamthimba 😍Inkomo

Inhlabisamthimba – lenkomo ehlatshelwa umthimba uma kugcagcwa.

Imbeka 😍 Inkomo yamalobola

Imbeka – lenkomo ehlantshwa emzini ngumakoti yokujabulisa abasemzini. Lenkomo ihlatshwa emuva kwesithathi umakoti egcagcile. Isikhathi kungaba yizinyangana noma unyaka ophelele. Lenkomo ngoba ithatha isihathi ukuhlatshwa, kungaba nje yithole lenkomo.

Isibhoma 😍 Inkomo yamalobolo

Isibhoma – lenkomo yisipho umkhwenyana asipha umakoti kuthiwa eyesidwaba sikamakoti ayosiqgoka emzini.

Isikhumba

Isikhumba – lenkomo umkhwenyana ayinika uyise kamakoti kuthiwa eyesikhumba sikamnumzane wekhaya. <

Umqholiso

Umqholiso – lenkomo eyokungeniswa kukamakoti emzini. Lenkomo ikhonjwa innxeba ngumakoti ngosuku lomshado. Umakoti uthelwa ngenyongo yalenkomo, kanti futhi umakoti akayidli inyama yalenkomo.

Inkomo kababa

Inkomo kababa

Inkomo kababa – lenkomo iyisipho umkhwenyana asipha uyise kamakoti ebonga ngokukhulisa umakoti.

Page 1 of 2

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: