πŸ’›

izithakazelo

Tag: loggenburg Page 2 of 5

Izithakazelo Zako Ngobe Clan Names & Surname History

Ngobe,
Khathide,
Ziyane,
Mphephethwa,
Wena owadla udadewenu wathi akananyongo,
Akanamhlwehlwe,
Qalinga nina boziyane wena owamisa insimu yendoda idinde ukumila,
Ama lunga amahle ngokwephulelana,
Wena uwawela ingovuma ne Ngovumana!

Izithakazelo zakwa Nkalanga Clan Names Umlando

Nkalanga,
Ngobe,
Nyangambili,
Shlanguskhulu,
Khathide,
Ziyane,
Repinga !

Izithakazelo zakwa Kubheka Clan Names

Khathide πŸ™Œ
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe
ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane, Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu
namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni
zakwaKhathide,
Sombheshane, Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni,
zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga
sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo! πŸ’›πŸ’›

Izibongo zakwa Kubheka

Kubheka:

  • Khathide,
  • Masobote,
  • Sombheshane,
  • Makhunga,
  • Ndolwane,
  • Wena owasobodela udlubu nekhasi,
  • Mgwaqo awudluli esibayeni ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
  • Mbendebomvu enjenge Ntolwane,
  • Boya obuningi obungangobe Nyathi,
  • Mbokodebomvu kama Gayiza esunduza abeSuthu nama Ndebele,
  • Magononde,
  • Sobote !

Page 2 of 5

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén