Izithakazelo zakwa-Mathunjwa
Mvubu,
Mkholo, Dukwane,
Khalishwayo!
Wena koNdandazi,
Wena Soshabeni,
Wena kalumbembekazi abalala baze bashwishwe ngomlenze!
Izithakazelo zakwa-Kubheka
Masobode,
Wena owasobodela udlubu nokhasi,
Mgwaqo awedlul’esibayeni, ngoba kuvalwe ngamakhanda amadoda,
Mbend’ebomvu enjengetolwane,
Boya obuningi obungangenyathi,
Mbokod’ebomvu kaMagayiza esunduza abeSuthu namaNdebele,
Sicabha esihle esakhothwa izinyoni zakwaKhathide,
Sombheshane,
Makhunga, wena owakhunga izimbila emgedeni, zaphuma zingenamisila,
Nanamuhla azinawo umsila ngesimanga sikaMaKhunga,
Ndolwane,
Magonondo!
Izithakazelo zakwa Ndabandaba
Khathide, Mphephethe, wena owadla umkadadewenu wathi akananyongo, akanamhlwehlwe. Mnyambo, amanyamba asezitheni aqalingene alingise insimu indonda ukumila. Mkhosana omncane ngokuzilamulela. UMnene ngimbonile ngimbonile ngamashoba okukhanya, Mnene dlana imfe mina ngidle ugaba.
Β© 2026